uMfolozi Municipality

HALALA! MR AND MISS UMFOLOZI MUNICIPALITY 2025/26

IMeya yoMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu uhalalisele abathathe isicoco sikaMr no Miss uMfolozi Muninicipality 2025/26, abanqobe emcimbini obuKwaMbonambi Town Hall ngoMgqibelo mhlaka 19 July 2025. Kulo mncintiswane kunqobe uPhumile Vellem kwesikaMiss uMfolozi, kwathi uVuyelwa Masoka wathatha indawo yesibili kanti uBongiwe Mthembu uthathe indawo yesithathu. Kwabesilisa uMr uMfolozi kube nguSamukelo Phungulo, kwathi uLindokuhle Nene wathatha indawo yesibili kanti uSibani Dube uthathe indawo yesithathu. Uhlelo lalo mcimbi beluphethwe uThalente Mthimkhulu noCbesh wama 2k kanti ubuhanjelwe ubuholi bukamasipala, abaphathi bakamasipala, abasebenzi, izimenywa eziqhamuka ezinhlakeni ezehlukene namalungu omphakathi. Kanti abebehambele umcimbi bajabuliswe ngomculo kaNaledi Aphiwe, umdanso kanye nezinkondlo zamaqembu endawo. Abasiki bengqephu abasezindaweni ezingaphansi kukamasipala abasalanga ngaphandle njengoba nabo bethole ithuba lokukhombisa ngemisiko yabo.  Imeya uBhengu ubonge uMr noMiss abaphumayo wase amukela abangenayo. Uthe njengoba amabombo ebheke kuMasipala wesiFunda eKing Cetshwayo, bayithemba loMasipala waseMfolozi. uPhumile ubonge umasipala ngethuba obaphe lona lokuthi baveze amakhono abo wagqugquzela abantu abasha  ukuthi noma kunzima kanjani kodwa abaqhubeke bawaveze amathalente abo. USamukelo ubonge umasipala neMeya uBhengu ngethuba abanikwe lona. Naye ugqugquzele abantu abasha ukuthi bakadikibali ukuzama baze bakuthole abakufunayo.

Bazosizakala ngamanzi kuvulwa inkundla iSibululwane

Umhlonishwa Imeya yoMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ugqugquzele abantu abasha ukuthi baveze amakhono abo ukuze athuthukiswe. Imeya uBhengu usho kanje ngesikhathi evula inkundla yezemidlalo eSibululwane ku-ward 04 eMalalenaphezulu kulo masipala . Uthe kuyabajabulisa ukuthi le nkundla igcine iphothuliwe emuva kokuthi kwaba nobuhixihixi kwaze kwanshintshwa usonkontileka obeyakha. IMeya uBhengu uxolise emphakathini ukuthi lenkundla iphothulwe sesidlulile isikhathi eyayibekelwe ukuthi iphuthulwe ngaso wathi abebezokudlulisela emphakathini kuseyisiqalo kanti basazoshaya indesheni eMnyangweni wezeMidlalo, amaCiko namaSiko ukuthi iphinde ithuthukiswe ukuze igcine kudlalelwa kuyo imidlalo eyahlukene njengoba befisa ukuthi imidlalo yenkakha uSiyabonga Sangweni ebidlalwa ngeviki eledlule igcine idlalelwa ezindaweni ezehlukene kulo masipala ukuze kuvele abanye abadlali abaseqopheleni eliphezulu. Induna uMnuz Vincent Mthiyane ubonge umasipala ngokulungisa lenkundla ethe babedlala kuyo besebancane. Uthe uyethemba ukuthi abantu abasha sebezoqoqeka. Induna uMthinyane unxenxe umphakathi ukuba uyinakekele le gqalasizinda. Kule nkundla kunezindlu zokushintshela nezangasese okukhona kuzo nezabakhubazekile. Kufakwe nethangi elinenjini edonsa amanzi phansi kanti iMeya uBhengu uthe umphakathi uzofakelwa umpompi ngaphandle kwenkundla ukuze ukwazi ukusizakala kulawa manzi. Imeya uBhengu uqinisekise izakhamuzi kuthi basamile kwabazibophezela kukho bengena ebuholini okungukuhambisa intuthuko kuwo wonke amawadi aseMfolozi ngaphandle kokubheka ukuthi umuntu ugqoke siphi isikibha seqembe lepolitiki. Uphinde wabikela umphakathi ngokuncipha kwesabelomalo salo nyaka njengoba umnotho wezwe untengantenga, wawazisa ukuthi yize izindingo bezoqhubeka nokuziletha kodwa lokhu kusho ukuthi akusezofana. ‘Uma ngabe besikwazi ukwenza ama-project alishumi, lokhu kusho ukuthi asezoncipha sesizokwazi ukuletha ayisikhombisa.’

uMfolozi Municipality – Final Council Meeting of the 2024/25 Financial Year

The uMfolozi Municipality, led by the Honourable Mayor Councillor Xolani Bhengu, convened the final council meeting for the 2024/25 financial year on Thursday, 26 June 2025. During the meeting, policies from various municipal departments were discussed and adopted for implementation in the new 2025/26 financial year. Emphasis was placed on the need to orient and educate councillors on these policies to ensure a clear understanding. Prior to the meeting, Regent Business School delivered a presentation on its academic programmes and the registration process. The Chairperson of the meeting, Speaker Councillor Mkhangezeni Mthiyane, encouraged councillors to further their education and enhance their skills. He also stressed the importance of attending all meetings, including committee meetings and council sessions.

Balekelelwe ngolwazi lokuzithuthukisa abangasebenzi eMfolozi

Bahlonyiswe ngolwazi lokuzithuthukisa abantu abasha baku-ward 18 kuMasipala waseMfolozi oholwa umhlonishwa iMeya uKhansela uXolani Bhengu ngesikhathi kunomkhankaso, iYouth Awareness Campaign ohlelwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi. Lo mkhankaso ubuhanjelwe iminyango eyahlukene okukhona kuwo, uMnyango wezaBasebenzi, amaphoyisa akwaSAPS , abe-IEC, abaseNedbank, abeMoses Kotane Institute kanye nabenhlangano engenzi nzuzo iNhlansiyethemba Community Development. Le minyango yenze izethulo ngezinhlelo enazo zokuthuthukisa abantu abasha nokuthi bangazibandakanya kanjani nalezi zinhlelo. Kulo mkhankaso, abebekhona babuye bafakwa kwi-database yabangasebenzi ukuze babe semathubeni okuqasheka uma kuvela amathuba. Kubuye kwadingidwa izindlela zokulondoloza imali ukuze abantu uma sebesebenza bakwazi ukonga imali nokuthi yiziphi izinhlelo ezikhona zokonga imali ezihambisana nemiholo yabo. Abebehambele lo mkhankaso bathole nethuba lokubuza ngezinto ezidingekayo uma kuqashwa eminyangweni ehlukene. Amaphoyisa axwayise intsha ukuthi iphume esixukwini ngoba isixuku sikuholela lapho ungadingeki khona ugcine sewungena ezintweni ezingamosha impilo yakho. Intsha igqugquzelwe ukuthi ilungiselele ikusasa layo kusenesikhathi.

Babonge uMasipala waseMfolozi naseKing Cetshwayo ngezinsiza zamabhizinisi

Izihlathi zivakashele amadlebe kosomabhizinisi abasathuthuka bakuMasipala waseMfolozi oholwa uMhlonishwa uKhansela uXolani Bhengu ngesikhathi uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo oholwa uMhlonishwa uMeya uKhansela S.Z Dlamini uzodlulisela kubo izinsiza zokuthuthukisa amabhizinisi abo. Abaholi banxuse ukuba bakuphathise okwezikhali zamaNtungwa abakutholile ukuze kuthuthuke amabhizinisi abo. Abahlomulile babonge uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo noMasipala waseMfolozi ngokuthi izicelo zabo ziphumelele, sebezokwazi ukuthuthukisa amabhizinisi abo, babeke isinkwa etafuleni badale namathuba omsebenzi. UNksz Nokuthula Mblokazi waku-ward 03, ubonge uMasipala waseMfolozi nowaseKing Cetshwayo nekhansela lakhe ngetuba lokufaka isicelo, isicelo sakhe saphumelela. Uthe ubonga kakhulu ngoba uzoqhubeka asebenze njengoba ethole ifriji, amabhodwe, izitsha zokuthulula ukudla kanti futhi uzokwazi nokwengeza abasebenzi kwababili anabo babe bane, aqhubeke nokuziphilisa. Abahlomulile banxuswe ukuba izinsiza zamabhizinisi abazihlomulile bangazidayisi kodwa bazisebenzise ukukhulisa amabhizinisi abo ukuze badale amathuba omsebenzi baxoshe nekati eziko.

Kwethulwe iMenenja kaMasipala waseMfolozi entsha

UMhlonishwa iMeya woMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu wethule iMenenja kaMasipala omusha uMnuz Siyabonga Mazibuko  emakhanseleni nakubasebenzi bomkhandlu. UMazibuko wethulwe emhlanganweni womkhandlu ngoLwesine mhlaka 29 May 2025, wethulwa kubasebenzi emhlanganweni  ngoMsombuluko mhlaka 09 June 2025. Emhlanganweni womkhandu, uSomlomo uKhansela Mkhangezeni Mthiyane namakhansela bamukele uMazibuko. UMhlonishwa uBhengu unxuse ukuba kube nokuhlonishwa kwesikhathi somsebenzi, ukuhloniphana nokubambisana kuhanjiswe izidingo emphakathini. Ubonge uCFO uMnuz Thula Nkosi ngokubamba kweseMenenja ukuze umsebenzi uqhubeke kwaze kwafika uMazibuko. UMazibuko ubonge ithuba anikwe lona lokuhola uhlangothi lwezokuPhatha kumasipala. Wahamba emazwini kamhlonishwa uBhengu ukuthi abasebenzi abenze umsebenzi ngendlela ukuze abantu baseMfolozi bawubone umehluko. Unxuse ukuba kube nokuhloniphana nokubambisana. Izinyunyana i-IMATU neSAMWU bamukele uMazibuko nabo banxusa ukuba kube nokubambisana.

UBE YIMPUMELELO UMKHANKASO WOKUGQUGQUZELA INHLANZEKO ESABOKWE

Kugqugquzelwe abazali ukuba bayisebenzise imigqomo uma belahla udoti ukuze nezingane zenze okufanayo ukuze ukuhlanzeka nokunakekelwa kwemvelo kube yinto ezikhula nayo.   Lona kube ngeminye yemiyalezo eshiywe nomphakathi waseSabokwe ngesikhathi, uMkhandlu waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela Xolani Bhengu unomkhankaso wokugqugquzela inhlanzeko (clean up campaign) obuseSabokwe ku-ward 2 ngaphansi kukaKhansela A Mtshali namhlanje ngoLwesithathu, mhlaka 04 June 2025. Inhlangano iSiyaqhubeka  inikele ngemigqomo emibili emikhulu kuMasipala waseMfolozi ukuze ibekwe kule ndawo, izakhamizi ziyisebenzise ukufaka udoti. Kulo mkhankaso bekukhona abakwaMondi, aboMnyango wakwa-EDTEA eKing Cetshwayo nenhlangano iSiyaqhubeka. Kugqugquzelwe imiphakathi ukuba inakekele imvelo ngokuhlanza izindawo ehlala kuzo.  Obemele uMeya womasipala, uKhansela uN.S Ngubane, uthe uyafisa ukuthi ubudlelwane nezinye izinhlangano buhambe ibanga elide uma kubhekwa izingqinamba ezikhona emphakathini.  Ugqugquzele ukubambisana. Ukhansela uNgubane uthe ezinye izinto ezilahlwayo, abantu bayakwazi ukuziphilisa ngazo. Kunconywe wakule ndawo ngokunciphisa ukulahla udoti budlabha njengoba kuvelile ukuthi phambili lapho ebekuhlanzwa khona kwakulahlwe imfucuza eningi kodwa kulokhu kubonakala sekungcono kakhulu.

UMasipala waseMfolozi nohlelo lokusheshisa ukulungiswa kwemigwaqo

UMasipala waseMfolozi oholwa yiMeya uKhansela uXolani Bhengu usuqhamuke nohlelo lokusheshisa ukulungiswa kwemigwaqo engenela emakhaya njengoba sisikhulu isikhalo emphakathini ngokonakalo kwayo. IMeya uBhengu ngesikhathi ehambisana nobuholi bomasipala behambele ku-ward 17 eNtambanana ngoLwesine mhlaka 22 May 2025, beyothula umgwaqo i-Ezinyosini Access Road, uveze ukuthi sebeqhamuke nalolu hlelo ukuzama ukulungisa lesi simo esibhekene nemiphakathi. Uveze ukuthi njengoba umasipala unamagrader amathathu, iTLB eyodwa, iloli nogandaganda. Uqinisekise ukuthi amakhansela ayayibika imigwaqo eyonakele kanti yonakele kumasipala wonke. “Kunohlelo esithe asilushintshe lokusebenza, ngoba kuqala besenza uhlelo lokuthi amagrader asebenze amawadi amathathu ngokwehlukana. Iqiniso ukuthi uma isebenza kwenye i-vd nina ngala nibona sengathi ukhansela akenzi lutho ngoba aniyiboni endaweni yenu. “Sishintshileke kunohlelo esiluqale kabusha ngoMsombuluko, ukuze yonke imigwaqo sizame ukuyiqeda. Kulolu hlelo ikhansela lizothola izinsuku ezimbili, kulezi zinsuku amagrader womathathu, azoya kulelo khansela ehambisana neloli likamasipala ukuze uma kunezindawo ezindinga ukuvalwa ngenkwali bakwazi ukuvala, kube ne-TLB ukuze uma kufanele kufakwe amapayipi kufakwe amapayipi kanye nogandaganda,’ kusho uBhengu. Uthe bazama ukuthi kusheshe ukuthi ukulunga kwemigwaqo kuzothi uma sekudlulwe kuleli hlandla kuphinde kube nehlandla lesibili.  Uthe umasipala unama-ward angu-18 kanti kunemigwaqo elinganiselwa ku-60 kuwo, bayakuqonda ukuthi uma kune imvula kwalimala le migwaqo, ume ike yasa, izakhamizi zifisa sengathi kungalungiswa ngosuku olulodwa nokuyinto engeke kwenzeke kanjalo yingako becela ukuthi umasipala ubekezelelwe ngoba imvula iyimvelo kanti futhi kuyabonaka ukuthi ina ngendlela engajwayelekile njengoba sekuyisikhathi sasebusika kodwa ilokhu ine njalo. UMeya uncome umsebenzi kasonkontileka olungisa umgwaqo waseZinyosini ngomsebenzi omuhle wathi kuyancomeka ukubona osomabhizinisi abamnyama bezinikela ekwenzeni umsebenzi ngendlela egculisayo. Uthe kule migwaqo enganyelwe uMnyango wezokuThutha bazowucela ukuthi usondele ukuze uzokwenaba ngezinhlelo zemigwaqo yaseMfolozi. Lo masipala ngoLwesibili mhlaka 20 May 2025, bewuhlaba isoyi emgwaqweni uNew York noMsengu ku-ward 14 kanti leli soyi lihlatshwe le migwaqo isivele iyalungiswa. UBhengu uthe bashintshe ukwenza ukuze kungabi khona isimo lapho kuhlatshwa khona isoyi bese kube ngukuphela leyo ntuthuko ingafiki. Uthe bafuna ukuthi bafike sekukhona abantu abakubonayo ukuthi kuyenziwa.

UMEYA WASEMFOLOZI UHALALISELE UTHISHA WASEMZINGAZI NGENDONDO

UGQUGQUZELE othisha ukuba bazithuthukise ngemfundo uthisha wasesikoleni eMzingazi Primary, eMzingazi ngaphansi koMasipala waseMfolozi obuye nendondo ezweli lase-India muva nje. UNkk Mpilo Cele ofundisa iNatural Sciences kwa-grade 7 kulesi sikole ubuye nendodo ye-Royal Golden Award emunxeni weBest Global Academician ngocwaningo lwakhe obelubheka amasu asetshenziswa uma kufundiswa izingane emakilasini emazweni omhlaba. UNkk Cele usebhale ama-articles angu-186 afundwa emazweni ehlukene ebheka izinto ezehlukene ngemfundo. Njengoba uNkk Cele ubeye e-India ubezobe ehambe nozakwabo uNksz Bonisiwe Maphumulo owadlula emhlabeni ngoDisemba nyakenye kubanjwa inkunzi imoto yemali eMzingazi. UNksz Maphumulo wayesanda kubuya nendodo kuma-National Teachers Awards eyayihambisana nemoto kanti uNksz Cele uveze ukuthi libiziwe igama lakhe kulo mcimbi aklonyeliswe kuwo ngoba naye bekufanele ngabe ubekhona. UNkk Cele ukhuluma ngemfundo nje uyayikazela imiyezane njengoba enenqwaba yeziqu kwezemfundo. Lesi sikole ngoLwesihlanu ekuseni sivakashelwe uMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ehambisana nekhansela laku-ward 06 uKhansela uCelimpilo Makhunga beyohalalisela uNkk Cele, othisha, abafundi nabahloli ngokuhlabana kwalo thisha. UMeya uBhengu ethula inkulumo, ubpnge uthishomkhulu walesi sikole nabo bonke othisha ngokubambisana ukuze kube nempumelelo kaNkk Cele. “Bothisha sincane isikhathi la enibongwa khona ngemisebenzi yenu kodwa isikhathi esiningi niyagxekwa, ukuphumelela kukadadewethu eqa imifula nemifulakazi, eqa ulwandle eya e-India bese eba  omunye wabantu abashawe emakhanda kwathiwa South Africa nani ninethalente elikhulu kangaka kwenza ngiziqhenye.” Uthe bewuMasipala waseMfolozi bayaziqhenya ngoNkk Cele obabeke ebalazweni yingakho bethathe ithuba lokuzothi ‘Siyabonga”. “Wenze kwazeka ukuthi ngaphansi koMasipala waseMfolozi kunesikole saseMzingazi, ngaphansi kweMfolozi kunothisha abakwazi ukwenza okwehlukile kwabanye.” Uthe uyakholwa ukuthi uNkulunkulu ubezosula izinyembezi abazikhala ngesikhathi kudlula emhlabeni uNksz Maphumulo, wadlulisela umoya wakhe kuNkk Cele ukube aqhubeke nomsebenzi aye phambli. Umhloli uMnuz S.A Mnqayi uthe ubonge umsebenzi omuhle, wabonga ukubambisana kwazo zonke izinhlaka zesikole Uthe bafisa lokhu okwenzekayo kuqhubeke.   Uthishomkhuluu Nkk Nxumalo uthe bazobungaza, bazobonga imisebenzi yothisha abaphethwe umhloli uMnqayi noMeya uBhengu ngoba njengoba (uBhengu) ephethe iso lakhe libuka nxa zonke. Uthe benesigungu sabazali bayethembisa ukuthi bayohlale benza abaholi ukuthi bahambele phezulu ngoba othisha bakhuluma ngezwi elilodwa lokuthi bafuna ikusasa labafundi liphumelela. Ugqugquzele abafundi ukuthi bathande imfundo ngoba ayikhulelwa.

Umkikizo bexhaswa ngezinsiza zokuzithuthukisa eMfolozi

Yini intuthuko? Lona kube ngumbuzo obulokhu ubuzwa uMeya waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ngesikhathi edlulisa izinsizakusebenza kumalungu omphakathi anamabhizinisi asathuthuka nemifelandawonye ngesikhathi uMkhandlu wesiFunda iKing Cetshwayo nowaseMfolozi kwethulwa isabelomali nezinhlelo zentuthuko edidiyelwe ngoLwesihlanu mhlaka 09 May 2025, eGegede. UMeya uBhengu ethula  lezi zinsiza kwababefake izicelo, uthe baningi abantu bakulo masipala abafake izicelo zokuxhaswa ngezinsiza zokuthuthukisa amabhizinisi abo nezokuqala amabhizinisi ukuze babeke ukudla etafuleni. Uthe benguMasipala benze isiqiniseko sokuthi wonke ama-ward angu-18 akulo masipala ayathola. Uthe bazibophezela ngesikhathi bethatha izintambo zokuhola ukuthi abazukubheka ukuthi umuntu ugqoke siphi isikibha senhlangano kodwa intuthuko abazoyiletha kubantu baseMfolozi izofana nemvula enetha wonke umuntu. UMeya uBhengu unxuse abanikwe izinsiza ukuba bazisebenzise kahle ukuze bakwazi ukuzondla nemindeni yabo nokuzithuthukisa.  Kulo mcimbi obuhanjelwe uMeya waseKing Cetshwayo uKhansela uS.Z Dlamini, amakhansela kuMasipala waseKCDM naseMfolozi, abasebenzi beholwa izimenenja zomasipala bobabili namalungu omphakathi bekukhona naboMnyango wezeMpilo noMnyango wezeMvelo. Umphakathi uqwashiswe ngokuya emtholampilo uyozihlolela izifo ikakhulukazi abesilisa abajwayele ukubonakala bemadolonzima ukuya ezikhungweni zezempilo UMnyango wezeMvelo uqwashise ngesifo samarabi ezilwaneni ezifuywe emakhaya wagqugquzela ukuba zigonywe, waxwayiswa ngokuthi yiziphi izimpawu umphakathi okumele uziqaphele  uma uke walunywa izilwane bese ushesha uya emtholampilo ukuze uthole usizo lwezempilo. UMeya uDlamini wethule izinhlelo zamanzi uMasipala waseKing Cetshwayo ozoziletha eMfolozi wagcizelela ukuthi inkinga yamanzi ikhona kodwa benza konke okusemandleni ukuthi umphakathi uhlinzekwe ngamanzi ahlanzekile. Amalungu omphakathi athole ithuba lokwethula izincomo nezikhalo zawo ngentuthuko.