



Umhlonishwa Imeya yoMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ugqugquzele abantu abasha ukuthi baveze amakhono abo ukuze athuthukiswe. Imeya uBhengu usho kanje ngesikhathi evula inkundla yezemidlalo eSibululwane ku-ward 04 eMalalenaphezulu kulo masipala . Uthe kuyabajabulisa ukuthi le nkundla igcine iphothuliwe emuva kokuthi kwaba nobuhixihixi kwaze kwanshintshwa usonkontileka obeyakha. IMeya uBhengu uxolise emphakathini ukuthi lenkundla iphothulwe sesidlulile isikhathi eyayibekelwe ukuthi iphuthulwe ngaso wathi abebezokudlulisela emphakathini kuseyisiqalo kanti basazoshaya indesheni eMnyangweni wezeMidlalo, amaCiko namaSiko ukuthi iphinde ithuthukiswe ukuze igcine kudlalelwa kuyo imidlalo eyahlukene njengoba befisa ukuthi imidlalo yenkakha uSiyabonga Sangweni ebidlalwa ngeviki eledlule igcine idlalelwa ezindaweni ezehlukene kulo masipala ukuze kuvele abanye abadlali abaseqopheleni eliphezulu. Induna uMnuz Vincent Mthiyane ubonge umasipala ngokulungisa lenkundla ethe babedlala kuyo besebancane. Uthe uyethemba ukuthi abantu abasha sebezoqoqeka. Induna uMthinyane unxenxe umphakathi ukuba uyinakekele le gqalasizinda. Kule nkundla kunezindlu zokushintshela nezangasese okukhona kuzo nezabakhubazekile. Kufakwe nethangi elinenjini edonsa amanzi phansi kanti iMeya uBhengu uthe umphakathi uzofakelwa umpompi ngaphandle kwenkundla ukuze ukwazi ukusizakala kulawa manzi. Imeya uBhengu uqinisekise izakhamuzi kuthi basamile kwabazibophezela kukho bengena ebuholini okungukuhambisa intuthuko kuwo wonke amawadi aseMfolozi ngaphandle kokubheka ukuthi umuntu ugqoke siphi isikibha seqembe lepolitiki. Uphinde wabikela umphakathi ngokuncipha kwesabelomalo salo nyaka njengoba umnotho wezwe untengantenga, wawazisa ukuthi yize izindingo bezoqhubeka nokuziletha kodwa lokhu kusho ukuthi akusezofana. ‘Uma ngabe besikwazi ukwenza ama-project alishumi, lokhu kusho ukuthi asezoncipha sesizokwazi ukuletha ayisikhombisa.’