Sifisela abashayeli nabagibeli ukhisimuzi omuhle

Imeya kamasipala uMfolozi uCllr X.M Bhengu usefisele abashayeli kanjalo nabagibeli uKhisimuzi omuhle kanye nonyaka omusha . Uphawule kanjena ngesikhathi enezivimbamgwaqo kuN2 ongenela KwaMbonambi namhlanje . Amaholidi kakhisimuzi aziwa kakhulu njengamaholidi anezingozi zomgwaqo ngoba abantu abaningi basuke beya emakhaya beyohlanganyela nemindeni yabo bephinde bezijabulise ngezindlela azihlukahlukene.Umhlonishwa uphinde wadlulisa izipho kubashayeli kanye nabagibeli . “Kubalulekile ukuthi kulesisikhathi sonyaka sibanxuse abantu bakithi ikakhulukazi abashayeli ukuba bashayela ngokukhulu ukucophelela ngoba uma benze kahle kuyophepha umphakathi. Sithi kulamaholidi abantu bakithi abaphephe bajabule bazibheke bengashayeli bephuzile, kuphetha uMhlonishwa.