uMfolozi Municipality

Injabulo kwizaguga ezingaphansi kwamasipala uMfolozi ngesikhathi imeya kamasipala uCllr X.M Bhengu ibapha ukhisimuzi

uMhlonishwa uBhengu udlulise izipho kogogo nomkhulu, kulezo zipho kubalwa izinduku zokudondolozela , amakhekhe kaKhisimuzi kanye ne Voucher kaR1000. Umhlonishwa uBhengu ubonge kakhulu ukuphumelela kwezaguga kulomcimbi wathi kuyathokozisa ukubabona bephilile ,waphinde waveza ukuthi abantu abadala kubalulekile ukuthi bathandwe bahlonishwe baphinde banakekelwe. “Ningalibali ukuzivocavoca nivakashele nasemtholampilo lokho kuyolekelela kakhulu ngokwempilo” kuphetha UMhlonishwa uBhengu.

University/TVET Registration Grants 2025

The uMfolozi Municipality is offering 72 university/TVET registration grants to South African citizen who permanently resides under uMfolozi Municipality area and who wish to pursue full time studies at a tertiary institution in any field of their choice.

Umcimbi wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

UMasipala uMfolozi oholwa uMeya uCllr X.M Bhengu kanye no GCIS bahambele eward 14 emcimbini wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane i(16 days of activism against Gender Based Violence). Lomkhankaso ubuhanjelwe izinhlaka ezahlukahlukene esibala kuzo i_ UNIVERSITY OF ZULULAND, EDTEA, YARD kanye no AGE IN ACTION. Lomcimbi obungazwe ngumphakathi wase ward 14 namaphethelo, ububanjelwe ehholo lomphakathi iGonondwana. Lomkhankaso wokulwisana neGBV obhekiswe kwabesifazane nezingane kuhloswe ngawo ukugqugquzela inhlalonhle emphakathini kuphinde kuxoxiswane ukuthi singabhekana kanjani nokuhlukumezeka futhi silwisana kanjani nakho. UCllr S.Z Mtetwa ubeke wathi abantu balahlekelwe inhlonipho kanye nokukholwa yingakho ukuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nabantwana kuqhubeka. Uphinde wabalula ukuthi abantu bayahlukunyezwa kodwa bengaphumeli obala ngenxa yokuthi abazi bengabika kuphi okanye bengasizakala kuphi, abanye kungenxa yencindezi abayithola emakhaya kodwa namuhla kulomkhankaso kuzoqwashisana ngezindlela ezahlukene zokusizakala ukuze kulwisane nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane kuphetha Cllr uMtetwa obewumlomo ka Mhlonishwa uBhengu.

Sifisela abashayeli nabagibeli ukhisimuzi omuhle

Imeya kamasipala uMfolozi uCllr X.M Bhengu usefisele abashayeli kanjalo nabagibeli uKhisimuzi omuhle kanye nonyaka omusha . Uphawule kanjena ngesikhathi enezivimbamgwaqo kuN2 ongenela KwaMbonambi namhlanje . Amaholidi kakhisimuzi aziwa kakhulu njengamaholidi anezingozi zomgwaqo ngoba abantu abaningi basuke beya emakhaya beyohlanganyela nemindeni yabo bephinde bezijabulise ngezindlela azihlukahlukene.Umhlonishwa uphinde wadlulisa izipho kubashayeli kanye nabagibeli . “Kubalulekile ukuthi kulesisikhathi sonyaka sibanxuse abantu bakithi ikakhulukazi abashayeli ukuba bashayela ngokukhulu ukucophelela ngoba uma benze kahle kuyophepha umphakathi. Sithi kulamaholidi abantu bakithi abaphephe bajabule bazibheke bengashayeli bephuzile, kuphetha uMhlonishwa.

uMfolozi Municipality Holds Ceremony to Close Child Protection week

uMfolozi Municipality hosted the Department of Social Development led by Honourable Minister Lindiwe Zulu at Nhlabane Sportsfield for a closing ceremony of Child Protection Week. Local communities and parents were urged to play an active role in the education and protection of children as the Department held community dialogues with community members, with a strong focus on teenage pregnancy and finding solutions to end the scourge. According to the Department of Health’s National Adolescent and Youth Health Policy, 269 girls aged between 10 and 14 years in KwaZulu-Natal gave birth in 2011. During the dialogue, teen mothers opened up and shared the discussion that some of the causes of teenage pregnancy include poverty, cultural and family practices, peer pressure, and lack of respect towards parents. Minister Zulu said teenage pregnancy has, and remains, a serious developmental challenge as it jeopardizes the health and educational outcome of the girl child. “Early pregnancy is the primary cause of school dropouts, which results in poverty cycles and many young girls being stigmatized by society for being teenage mothers, or even being forced into early marriage; this needs to stop,” said the Minister. Lack of knowledge as no one in the family gives them enough information on sex, which allows them to learn everything from their friends, empty promises from their partners, absent parents, lack of love from home and behavioural problems were also identified as key challenges facing teen mothers. His Worship the Mayor Cllr XM Bhengu reminded the community that children are a “gift from God who should always be loved and protected.” He further urged the parents and guardians to open up the channels of communication between themselves and their children to prevent teen pregnancies.