
UMasipala uMfolozi oholwa uMeya uCllr X.M Bhengu kanye no GCIS bahambele eward 14 emcimbini wokulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane i(16 days of activism against Gender Based Violence). Lomkhankaso ubuhanjelwe izinhlaka ezahlukahlukene esibala kuzo i_
UNIVERSITY OF ZULULAND, EDTEA, YARD kanye no AGE IN ACTION.
Lomcimbi obungazwe ngumphakathi wase ward 14 namaphethelo, ububanjelwe ehholo lomphakathi iGonondwana. Lomkhankaso wokulwisana neGBV obhekiswe kwabesifazane nezingane kuhloswe ngawo ukugqugquzela inhlalonhle emphakathini kuphinde kuxoxiswane ukuthi singabhekana kanjani nokuhlukumezeka futhi silwisana kanjani nakho.
UCllr S.Z Mtetwa ubeke wathi abantu balahlekelwe inhlonipho kanye nokukholwa yingakho ukuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nabantwana kuqhubeka. Uphinde wabalula ukuthi abantu bayahlukunyezwa kodwa bengaphumeli obala ngenxa yokuthi abazi bengabika kuphi okanye bengasizakala kuphi, abanye kungenxa yencindezi abayithola emakhaya kodwa namuhla kulomkhankaso kuzoqwashisana ngezindlela ezahlukene zokusizakala ukuze kulwisane nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane kuphetha Cllr uMtetwa obewumlomo ka Mhlonishwa uBhengu.