



Kunxuswe izakhamuzi ukuba zonge amanzi ngesikhathi uMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu unomcimbi wokugubha iviki lamanzi,iWater Week Celebration ehholo lomphakathi eMzingazi ku-ward 06 ngoLwesithathu, mhlaka 09 April 2025. Lo mgubho ubuhanjelwe ubuholi bukamasipala okukhona kuwo uSekela Meya uMnuz Timothy Biyela, uSomlomo uMnuz Mkhangezeni Mthiyane, uSotshwebhu uMnuz Celimpilo Makhunga, uSotshwebhu woMkhandlu waMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo uMnuz Amos Mtshali, amakhansela, abasebenzi bakaMasipala, beholwa uSenior Manager wakwa-Community and Corporate Services uMnuz Khaya Zulu. Lo mgubho ubuhanjelwe yizinhlaka ezehlukene okukhona uMnyango wakwa-Economic Development, Tourism and Environmental Affairs, abophiko lwamanzi kuMasipala wesiFunda eKing Cetshwayo, abe-Waste Management, abe-Environemental Health nabe-Air Quality and Climate Change, umkhandlu wobukhosi bakwaMbonambi, amakomiti amawadi nomphakathi.
USekela Meya uBiyela ethula inkulumo yosuku, uthe ngokoMthethosisekelo wonke umuntu wakuleli unelungelo lokuthola amanzi ahlanzekile, kodwa futhi kungumgomo kamasipala nabezemvelo kuMasipala wesiFunda eKing Cetshwayo, ukuthi abantu bafundiswe ukuthi bawaphathe kanjani amanzi,bawonge. UBiyela, uthe abaluleke kakhulu amanzi ngoba ziningi izinto ezenziwa ngawo kubalwa ukuphuza, ukuwasha, ukugeza nokunye kanti ayasebenza noma sekusha imililo. “Sigqigquzela izakhamuzi ukuthi uma kukhona amapayipi avuzayo, zibike ukuze kulungiswe. Sinxusa futhi ukuthi uma amanzi engekho akungalinyazwa ingqalasizinda kodwa akubikwe ukuze kuzobheka inkinga.” Kukhuthazwe nabanamabhizinisi ama-car wash ukuba uma besebenzisa amanzi bawakhongozele ezigujini bangawayeki nje ageleze.
UMnuz Sipho Mthembu obemele uphiko lwamanzi kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo okuyiyo ehlinzeka ngamanzi izakhamuzi zakuMasipala waseMfolozi, ubonge abaholi bakuMasipala waseMfolozi ngokubeseka ngoba ukuba ababeseki ngabe kunzima ukwenza umsebenzi.
Ukhale ngabeba ingqalasizinda yamanzi nokwenza ukuthi umsebenzi wokufakele umphakathi amanzi uphazamiseke. Ukhuze nalabo abazixhumela amanzi emapayipini amakhulu wathi benza ukuthi amanzi angafinyileli kwezinye izakhamuzi. Ezinye izikhulu bezikugcizelela ukuthi inkinga yokushoda kwamanzi ikhungethe umhlaba wonke yingakho kubalulekile ukuthi ongiwe.