uMfolozi Municipality

Yini intuthuko? Lona kube ngumbuzo obulokhu ubuzwa uMeya waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ngesikhathi edlulisa izinsizakusebenza kumalungu omphakathi anamabhizinisi asathuthuka nemifelandawonye ngesikhathi uMkhandlu wesiFunda iKing Cetshwayo nowaseMfolozi kwethulwa isabelomali nezinhlelo zentuthuko edidiyelwe ngoLwesihlanu mhlaka 09 May 2025, eGegede.

UMeya uBhengu ethula  lezi zinsiza kwababefake izicelo, uthe baningi abantu bakulo masipala abafake izicelo zokuxhaswa ngezinsiza zokuthuthukisa amabhizinisi abo nezokuqala amabhizinisi ukuze babeke ukudla etafuleni.

Uthe benguMasipala benze isiqiniseko sokuthi wonke ama-ward angu-18 akulo masipala ayathola. Uthe bazibophezela ngesikhathi bethatha izintambo zokuhola ukuthi abazukubheka ukuthi umuntu ugqoke siphi isikibha senhlangano kodwa intuthuko abazoyiletha kubantu baseMfolozi izofana nemvula enetha wonke umuntu.

UMeya uBhengu unxuse abanikwe izinsiza ukuba bazisebenzise kahle ukuze bakwazi ukuzondla nemindeni yabo nokuzithuthukisa. 

Kulo mcimbi obuhanjelwe uMeya waseKing Cetshwayo uKhansela uS.Z Dlamini, amakhansela kuMasipala waseKCDM naseMfolozi, abasebenzi beholwa izimenenja zomasipala bobabili namalungu omphakathi bekukhona naboMnyango wezeMpilo noMnyango wezeMvelo.

Umphakathi uqwashiswe ngokuya emtholampilo uyozihlolela izifo ikakhulukazi abesilisa abajwayele ukubonakala bemadolonzima ukuya ezikhungweni zezempilo

UMnyango wezeMvelo uqwashise ngesifo samarabi ezilwaneni ezifuywe emakhaya wagqugquzela ukuba zigonywe, waxwayiswa ngokuthi yiziphi izimpawu umphakathi okumele uziqaphele  uma uke walunywa izilwane bese ushesha uya emtholampilo ukuze uthole usizo lwezempilo.

UMeya uDlamini wethule izinhlelo zamanzi uMasipala waseKing Cetshwayo ozoziletha eMfolozi wagcizelela ukuthi inkinga yamanzi ikhona kodwa benza konke okusemandleni ukuthi umphakathi uhlinzekwe ngamanzi ahlanzekile.

Amalungu omphakathi athole ithuba lokwethula izincomo nezikhalo zawo ngentuthuko.