
Umasipala waseMfolozi oholwa nguMeya uCllr X.M Bhengu, namuhla ubambe umcimbi womklomelo we-Matric Excellence Awards ka-2024 wokuhlonipha nokuklomelisa abafundi nezikole eziphumelele kahle eMfolozi. Lomcimbi ububanjelwe khona Kwamaspala.
Ekukhulumeni kwakhe, uMeya uBhengu uncome impumelelo yekilasi lika-2024 kanjalo namacircuits, Othishanhloko, othisha, abazali kanye namalungu omphakathi abesekela abafundi, ebasiza futhi ebakhuthaza ukuthi bagxile emfundweni yabo futhi benze konke okusemandleni abo ezivivinyweni zabo zokugcina.
UMeya uBhengu uphinde wakhuthaza abafundi abangenzanga kahle noma abangaphumelelanga ukuthi bangadikibali kodwa baqhubeke nokuya phambili . Lo mcimbi ubuhanjelwe uMeya kaMasipala uMhlathuze uCllr X Ngwezi, iNkosi yesizwe saBathembu kanye nabanye ababambe iqhaza.
Kuklonyeliswe imikhakha elandelayo: Isikole Esithuthuke Kakhulu, Izikole Eziyi-10 Ezihamba Phambili, Abafundi abayi-10 abahamba phambili kanye nesekethe ehamba phambili
UMASIPALA UMfolozi uzibophezele ekuthuthukiseni intsha yawo ngemfundo futhi uhlale uzimisele ukusiza lapho ungakwazi khona ukuthuthukisa intsha yaseMfolozi.