



UMhlonishwa iMeya yoMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu, abahlonishwa amakhansela aseMfolozi neMenenja KaMasipala babe yingxenye yezinkumbi zabantu abebesingethe umndeni wakwaMnyango eCinci ku ward 11, enkundleni yezemidlalo eMawombe. Le nkonzo ibihanjelwe abaNtwana baseNdlunkulu, uNdunankulu wesifundazwe uMhlonishwa uThami Ntuli, uMEC Duma woMnyango wezokuThutha noMEC uShinga wokuThuthukiswa koMphakathi, Imeya yaseKing Cetshwayo uKhansela uSikhumbuzo Dlamini neziMeya ebeziqhamuka kwabanye komasipala okukhona kuzo neMeya uMthethwa yomasipala iNkosi Mtubatuba lapho okwehla khona ingozi. UMndeni ubonge ukwesekwa okuthole kuhulumeni wesifundazwe, ubuholi bukaMasipala waseMfolozi nokhansela uGumbi laku-ward 11 nabo bonke abawusingathile kulesi sikhathi esinzima.