


UMasipala waseMfolozi oholwa yiMeya uKhansela uXolani Bhengu usuqhamuke nohlelo lokusheshisa ukulungiswa kwemigwaqo engenela emakhaya njengoba sisikhulu isikhalo emphakathini ngokonakalo kwayo.
IMeya uBhengu ngesikhathi ehambisana nobuholi bomasipala behambele ku-ward 17 eNtambanana ngoLwesine mhlaka 22 May 2025, beyothula umgwaqo i-Ezinyosini Access Road, uveze ukuthi sebeqhamuke nalolu hlelo ukuzama ukulungisa lesi simo esibhekene nemiphakathi.
Uveze ukuthi njengoba umasipala unamagrader amathathu, iTLB eyodwa, iloli nogandaganda.
Uqinisekise ukuthi amakhansela ayayibika imigwaqo eyonakele kanti yonakele kumasipala wonke.
“Kunohlelo esithe asilushintshe lokusebenza, ngoba kuqala besenza uhlelo lokuthi amagrader asebenze amawadi amathathu ngokwehlukana. Iqiniso ukuthi uma isebenza kwenye i-vd nina ngala nibona sengathi ukhansela akenzi lutho ngoba aniyiboni endaweni yenu.
“Sishintshileke kunohlelo esiluqale kabusha ngoMsombuluko, ukuze yonke imigwaqo sizame ukuyiqeda. Kulolu hlelo ikhansela lizothola izinsuku ezimbili, kulezi zinsuku amagrader womathathu, azoya kulelo khansela ehambisana neloli likamasipala ukuze uma kunezindawo ezindinga ukuvalwa ngenkwali bakwazi ukuvala, kube ne-TLB ukuze uma kufanele kufakwe amapayipi kufakwe amapayipi kanye nogandaganda,’ kusho uBhengu.
Uthe bazama ukuthi kusheshe ukuthi ukulunga kwemigwaqo kuzothi uma sekudlulwe kuleli hlandla kuphinde kube nehlandla lesibili.
Uthe umasipala unama-ward angu-18 kanti kunemigwaqo elinganiselwa ku-60 kuwo, bayakuqonda ukuthi uma kune imvula kwalimala le migwaqo, ume ike yasa, izakhamizi zifisa sengathi kungalungiswa ngosuku olulodwa nokuyinto engeke kwenzeke kanjalo yingako becela ukuthi umasipala ubekezelelwe ngoba imvula iyimvelo kanti futhi kuyabonaka ukuthi ina ngendlela engajwayelekile njengoba sekuyisikhathi sasebusika kodwa ilokhu ine njalo.
UMeya uncome umsebenzi kasonkontileka olungisa umgwaqo waseZinyosini ngomsebenzi omuhle wathi kuyancomeka ukubona osomabhizinisi abamnyama bezinikela ekwenzeni umsebenzi ngendlela egculisayo.
Uthe kule migwaqo enganyelwe uMnyango wezokuThutha bazowucela ukuthi usondele ukuze uzokwenaba ngezinhlelo zemigwaqo yaseMfolozi.
Lo masipala ngoLwesibili mhlaka 20 May 2025, bewuhlaba isoyi emgwaqweni uNew York noMsengu ku-ward 14 kanti leli soyi lihlatshwe le migwaqo isivele iyalungiswa.
UBhengu uthe bashintshe ukwenza ukuze kungabi khona isimo lapho kuhlatshwa khona isoyi bese kube ngukuphela leyo ntuthuko ingafiki. Uthe bafuna ukuthi bafike sekukhona abantu abakubonayo ukuthi kuyenziwa.