uMfolozi Municipality

Umeya kaMasipala uMfolozi uCllr X.M Bhengu kanye nekomidi elibukela ukwakhiwa kwezingqalasizinda eMfolozi bahambele ezindaweni lapho osonkontileka asebephothule khona ukusebenza nokubheka umonakalo ngemuva kwezimvula ezinamandla ukuqinisekisa ukuthi kusesimeni esilungile ngaphambi kokuthi kudluliselwe emphakathini ngokusemthethweni. Kulezindawo kubalwa iKwaMbonambi Market Stall eWard 02 ezolekelela kakhulu kulabo abahweba erank, Nkiyankiya access road eWard 15 kanye ne Nsikeni access road eWard 01.

UMhlonishwa uBhengu ubeke wathi okwabantu kufanele kuye ebantwini , yingakho umaspala uMfolozi uqinisekisa ukuthi intuthuko iyaya emphakathini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *