uMfolozi Municipality

Kugqugquzelwe abazali ukuba bayisebenzise imigqomo uma belahla udoti ukuze nezingane zenze okufanayo ukuze ukuhlanzeka nokunakekelwa kwemvelo kube yinto ezikhula nayo. 

 Lona kube ngeminye yemiyalezo eshiywe nomphakathi waseSabokwe ngesikhathi, uMkhandlu waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela Xolani Bhengu unomkhankaso wokugqugquzela inhlanzeko (clean up campaign) obuseSabokwe ku-ward 2 ngaphansi kukaKhansela A Mtshali namhlanje ngoLwesithathu, mhlaka 04 June 2025. Inhlangano iSiyaqhubeka  inikele ngemigqomo emibili emikhulu kuMasipala waseMfolozi ukuze ibekwe kule ndawo, izakhamizi ziyisebenzise ukufaka udoti. Kulo mkhankaso bekukhona abakwaMondi, aboMnyango wakwa-EDTEA eKing Cetshwayo nenhlangano iSiyaqhubeka. Kugqugquzelwe imiphakathi ukuba inakekele imvelo ngokuhlanza izindawo ehlala kuzo. 

Obemele uMeya womasipala, uKhansela uN.S Ngubane, uthe uyafisa ukuthi ubudlelwane nezinye izinhlangano buhambe ibanga elide uma kubhekwa izingqinamba ezikhona emphakathini.  Ugqugquzele ukubambisana. Ukhansela uNgubane uthe ezinye izinto ezilahlwayo, abantu bayakwazi ukuziphilisa ngazo. Kunconywe wakule ndawo ngokunciphisa ukulahla udoti budlabha njengoba kuvelile ukuthi phambili lapho ebekuhlanzwa khona kwakulahlwe imfucuza eningi kodwa kulokhu kubonakala sekungcono kakhulu.