uMfolozi Municipality

UMhlonishwa iMeya woMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu wethule iMenenja kaMasipala omusha uMnuz Siyabonga Mazibuko  emakhanseleni nakubasebenzi bomkhandlu. UMazibuko wethulwe emhlanganweni womkhandlu ngoLwesine mhlaka 29 May 2025, wethulwa kubasebenzi emhlanganweni  ngoMsombuluko mhlaka 09 June 2025. Emhlanganweni womkhandu, uSomlomo uKhansela Mkhangezeni Mthiyane namakhansela bamukele uMazibuko. UMhlonishwa uBhengu unxuse ukuba kube nokuhlonishwa kwesikhathi somsebenzi, ukuhloniphana nokubambisana kuhanjiswe izidingo emphakathini. Ubonge uCFO uMnuz Thula Nkosi ngokubamba kweseMenenja ukuze umsebenzi uqhubeke kwaze kwafika uMazibuko. UMazibuko ubonge ithuba anikwe lona lokuhola uhlangothi lwezokuPhatha kumasipala. Wahamba emazwini kamhlonishwa uBhengu ukuthi abasebenzi abenze umsebenzi ngendlela ukuze abantu baseMfolozi bawubone umehluko. Unxuse ukuba kube nokuhloniphana nokubambisana. Izinyunyana i-IMATU neSAMWU bamukele uMazibuko nabo banxusa ukuba kube nokubambisana.