uMfolozi Municipality

UMasipala waseMfolozi uvule ngokusemthethweni imigwaqo emibili. i-Ezinyosini Access road eNtambanana eward 17 mhlaka 22 July 2025, ne-Newyork Access Road eNtshingimpisi kuward 14, mhlaka 23 July 2025. Imeya yoMasipala waseMfolozi,uMhlonishwa uKhansela Xolani Bhengu benze lo mcimbi ehambisana nobuholi bomasipala kanye noMenenja kaMasipala, uMnuz Fred Mazibuko.

Ikhuluma eNtambanana, iMeya uBhengu ucele umphakathi ukuba uhlale uthandazela abaholi babo, ukuze bahole ngendlela eqotho, bengenzi ngokwezifiso zabo, kodwa benze intando yalabo ababathumile. Uthe kumele bakhulekelwe ukuth baphathe izimali zikahulumeni ngobuqotho nangokunakekela, ngoba leyo mali ingeyabakhokhintela.

UMhlonishwa iMeya uphinde yathinta udabai lokuhlukunyezwa kwabantu, ikakhulukazi abesifazane nezingane. Ucele umphakathi ukuba umkhuleko uhlale ugxile nasekulweni nalesi sihlava kanye nabalo asebengene ezidamizweni ukuthi baziyeke ngoba akekho umuntu osuke enguye nje, ongabulala omunye umuntu athi uyamthanda.

Abahlali baku-ward 17 bathole ithuba lokukhala ngokuntuleka kwamanzi kanti uSomlomo woMasipala uKhansela uMkhangezeni Mthiyane, uthe bayazi ngenkinga yamanzi kule ndawo. Waphawula ukuthi nakuba kunguMasipala waseKing Cetshwayo obhekelela ukuhlinzeka ngamanzi, kunemizamo eqhubekayo yokulungisa isimo. Uveze ukuthi muva nje kube nomhlangano phakathi kobuholi bendabuko, uMasipala waseMfolozi kanye noMasipala waseKing Cetshwayo kule ward mayelana nohlelo oluzayo lokufakwa kwama-borehole.

Ngesikhathi kuvulwa i-New York Access Road. iPhini leMeya uMhlonishwa uKhansela Timothy Biyela ugcizelele ukubaluleka kokunakekelwa kwengqalasizinda esuke yethulwa emphakathini. Uthe lomgwaqo omusha awusona isipho sikaMasipala kuphela, kodwa uyimpahla yomphakathi futhi kuyisibopho sawo wonke ununtu ukuthi unakekelwe.