
Ulokhu uqhubeke njalo umshikashika wokuhambela izikole okuwuhlelo luka BACK TO SCHOOL . Umeya womkhandlu uMfolozi uCllr X.M Bhengu ehambisana nobuholi bomkhandlu namuhlanje bavakashele eward 03 esikoleni iManqamu high school .
Umhlonishwa uBhengu ubeke wathi mithathu iminxa okufanele ibambisane ukuze kuphume imiphumela emihle , okungumzali , uthisha kanye nomfundi. Wakhuthaza abafundi ukuthi bezithibe kwizidakamizwa begxile ezincwadini zabo begade indlela abaziphatha ngayo bese bengaqhelelani nomkhuleko bebeke uNkulunkulu phambili kukho konke kuphetha uBhengu.
Ube esedlulisa izipho kubafundi abebehlonziwe kanye nakubaphathi besikole.