
Umeya kamaspala uMfolozi uCllr X.M Bhengu kanye nethimba lakhe lonke bahambele endaweni yakwaSokhulu eward 01 esikoleni iLangalibomvu high school phansi kohlelo luka BACK TO SCHOOL . Ngaloluhlelo uMaspala uhlose ngalo ukukhuthaza abafundi njengoba unyaka uqala bephinde bethole ukulekeleleka ngezinsizakufunda.
UMhlonishwa uBhengu ubeke wathi abafundi abazibambe ziqine unyaka usaqala ukuze bethole imiphumela emihle ekupheleni konyaka. Uqhube wathi abafundi abagade indlela abaziphatha ngayo , bezinike iskhathi ezifundweni okanye ezincwadini zabo bese begweme ukhlukumezana bona bengabafundi.
“Umatikuletsheleni wase Langalibomvu wakulonyaka uphase ngo83% kulonyaka silindele ukuthi likhuphuke liye ku100% lokho kuyokwenzaka ngokubambisana kanye nothisha. Kuyajabulisa ukuthi umfundi obashaye amakhanda bonke esifundazweni sakwaZulu Natal uphume eMfolozi okungu Siphosiphelele Masango kungaba kuhle ukuthi nabanye abafundi bebukele kuye ube isibonelo esihle kuphetha uMhlonishwa. Ube esedlulisa izipho kubafundi abebehlonziwe kanye nakubaphathi besikole.