
UMasipala uMfolozi oholwa ngobuqotho uMeya uCllr X.M Bhengu kanye nethimba lakhe lonke bahambele endaweni yaseMbabe eWard 08 oGome Combined School kanye nase Ntambanana eWard 17 eMningi high school ukuyokhuthaza abafundi ngokuziphatha kanye nangokuzinikela ezifundweni zabo nobekuyilapho bekuphethwa khona uhlelo luka BACK TO SCHOOL.
UMhlonishwa ube eseqinisekisa ukuthi umasipala uMfolozi unama bursary asiza abafundi abasebenze kahle ukuthi bakwazi ukubhalisa ezikoleni zemfundo ephakeme , kuphinde kube nomcimbi wokuhalalisela labo abasuke bephase kahle kumatikuletsheni wabo.Lapho basuke bemukeliswa nangezipho eziyobalekelela uma sebeqhubeka nemfundo yabo, Okungukukhuthaza abafundi abenza umatikuletsheni ukuthi nangonyaka ozayo bengaba kulelo hlelo uma bezozibamba ziqine ezifundweni zabo kuphetha uBhengu.
Ube esedlusa izipho kubafundi abebehlonziwe kanye nakubaphathi besikole.