


UMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ehambisana nobuholi bukamasipala namuhla ngoLwesibili, mhlaka 22 April 2025 wethule isabelomali esihlongozwayo kanye nezinhlelo zentuthuko edidiyelwe konyaka ka-2025/2026 ku-Ward 01 KwaSokhulu Sportfield. UMeya wethule isabelomali sikaR244, 280, 212 kanti ukugcizelele ukuthi lesi sabelomali sinciphile uma siqhathaniswa nesonyaka wezimali owedlule ngenxa yesimo somnoto esintengayo ezweni jikelele. Kubuye kwadluliselwa izinsiza zokuthuthukisa izakhamuzi emawadini aseCoastal obekuyiwo abeyingxenye yalo mcimbi. UMeya uBhengu unxuse abahlomulile ukuba banakekele izinsiza ezidluliselwe kubo ukuze umasipala uqhubeke ulekelele abanye ngoba ziningi izicelo ezikhona ezilinde uxhaso. UMeya uBhengu ulalele iziphakamiso, izikhalo kanye nezincomo zomphakathi ngentuthuko kumasipala kanti usheshe waphendula kwisakhamuzi saku ward 06 esicele ukuthengelwa amatshwele ukuze siziqalele ibhizinisi, nathe uzokhipha kwelakhe iphakethe ukumthengela angu-200. Kuqale kwavulwa ngokusemthethweni umgwaqo iNsikeni Access Road. Inhlangano Ubuntu Trust abasiza uma kushonelwe bahlomule ngetende, izihlalo nokunye. UNkk Fikile Mdetshe oyilunga layo uthe bayabonga ukuba bathole lokho ababekucelile okuzobalekelela emsebenzini abawenzayo.