uMfolozi Municipality

uMhlonishwa uBhengu udlulise izipho kogogo nomkhulu, kulezo zipho kubalwa izinduku zokudondolozela , amakhekhe kaKhisimuzi kanye ne Voucher kaR1000.

Umhlonishwa uBhengu ubonge kakhulu ukuphumelela kwezaguga kulomcimbi wathi kuyathokozisa ukubabona bephilile ,waphinde waveza ukuthi abantu abadala kubalulekile ukuthi bathandwe bahlonishwe baphinde banakekelwe. “Ningalibali ukuzivocavoca nivakashele nasemtholampilo lokho kuyolekelela kakhulu ngokwempilo” kuphetha UMhlonishwa uBhengu.