



Kuphelile ukuhlanganyela ngaphansi kwezihlahla emphakathini waseNtuthunga njengoba namuhla ngoLwesithathu mhlaka 23 April 2025 uMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu uvule ihholo kuleli ndawo. USomlomo uKhansela M. M Mthiyane obethula inkulumo egameli likaMeya uBhengu, uthe uyababongela abantu bekule ndawo ngokuba nekhansela elifana neKhansela uNdimande abalithuma ukuyobacelela abakudingayo njengoba ikhansela lishilo ukuthi umhlangano, umphakathi owawucela kuwo ihholo wawubanjelwe ngaphansi kwesihlahla. UKhansela uMthiyane unxuse ukuthi umphakathi kube yiwo oliqaphile. Uthe benguwubuholi baseMfolozi basazimisele ukusebenzela umphakathi ngokuphuthuma. UKhansela uMthiyane uthe umkhandlu kuningi okwenzayo, awuvuli amahholo kuphela. Ubalule ukulungisa imigwaqo engenela emakhaya, ukusiza abafisa ukuthuthukusa amabhizinisi nokulekelela abafundi abaphase umatric ukuba babhalise ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Induna yendawo uNzuza uthe kade balilinda ihholo. Ubonge umphakathi ngokubekezela, ulinde intuthuko. Ubonge uKhansela uNdimande ukuthi wathi umphakathi usukhombile ukuthi udinga ihholo waliletha.