uMfolozi Municipality

INJABULO UMASIPALA WASEMFOLOZI UVULA IHHOLO EGEGEDE

Bahluleke ukuzibamba yinjabulo abantu baseGegede esigodini saseNhlabosini, bakikiza bashaya ingoma,uMeya waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu evula ngokusemthethweni ihholo ebelakhiwa kule ndawo, ngoLwesine mhlaka 17 April 2025. Leli hholo linekhishi, indawo yokuhlanganela, izindlu zangasese, indawo yokupaka efakwe ukhonkolo kanti kungenzelwa kulo noma iluphi uhlobo lomcimbi. Ethula inkulumo elivula uMeya uBhengu, uthe bayajabula ukuthi bebezofeza iphupho elalikade lifiswe abantu bakule ndawo. Uvezi ukuthi isicelo sokwakhelwa leli hholo safakwa ikhansela lakule ndawo uMthethwa esanda kungena esikhundleni. Uthe uMasipala waseMfolozi ungomunye womasipala abancane abangakwazi ukuzikhandela imali kodwa oncike kakhulu emalini owuthola kowesifundazwe esuke iphume kokazwelonke. “Safundiswa ukuthi singabothembisa bese singenzi, uMntwana waKwaPhindangene wasifundisa ukuthi sethembeke, yingakho nesiqubulo sethu sithi ‘Sethembe’. Njengoba sathembisa ukuthi siyezwa, namuhla besizofezekisa enanikucelile”. UBhengu uthe leli hholo akusilo elikamasipala, kodwa likhandwe umasipala elikhandela umphakathi okusho ukuthi kungumsebenzi womphakathi ukuthi njengoba livulwa lilihle kanjena, bayaligada, uma kuphela iminyaka emithathu liqhubeke libe lihle kanje. Umasipala uqashe abasuka emphakathini ababili abazoligada ebusuku ukuze kwenziwe iziqiniseko sokuthi livikelekile. UBhengu uthe emini lizobhekwa abasebenzi bohlelo lwe-EPWP kanye nomphakathi. Uthe leli hholo baliqambe ngenduna engasekho yakule ndawo uBritania, owayethuthukisa umphakathi ngaphambi kokuba kube khona omasipala. Leli hholo libizwa ngeBritania Community Hall. UBhengu akakushiyanga ngaphandle ukunxusa umphakathi ukuba ulwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane wacela ukuthi njengoba kukhona izinhlelo zokukhulisa amantombazane, zibe khonanezokukhulisa abafana ukuze zihambisane bakwazi ukuphatha amantombazane asuke eziphathe kahle. Induna uMthethwa ihambe emazwini kaBhengu yahlaba lonke uhlobo lokuhlukumezana emphakathin okubalwa nobubhoklolo obubonakala banda ezikoleni.

Kugqugquzelwe ukongiwa kwamanzi kugujwa iviki lamanzi kuMasipala waseMfolozi

Kunxuswe izakhamuzi ukuba zonge amanzi ngesikhathi uMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu unomcimbi wokugubha iviki lamanzi,iWater Week Celebration ehholo lomphakathi eMzingazi ku-ward 06 ngoLwesithathu, mhlaka 09 April 2025. Lo mgubho ubuhanjelwe ubuholi bukamasipala okukhona kuwo uSekela Meya uMnuz Timothy Biyela, uSomlomo uMnuz Mkhangezeni Mthiyane, uSotshwebhu uMnuz Celimpilo Makhunga, uSotshwebhu woMkhandlu waMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo uMnuz Amos Mtshali, amakhansela, abasebenzi bakaMasipala, beholwa uSenior Manager wakwa-Community and Corporate Services uMnuz Khaya Zulu. Lo mgubho ubuhanjelwe yizinhlaka ezehlukene okukhona uMnyango wakwa-Economic Development, Tourism and Environmental Affairs, abophiko lwamanzi kuMasipala wesiFunda eKing Cetshwayo, abe-Waste Management, abe-Environemental Health nabe-Air Quality and Climate Change, umkhandlu wobukhosi bakwaMbonambi, amakomiti amawadi nomphakathi. USekela Meya uBiyela ethula inkulumo yosuku, uthe ngokoMthethosisekelo wonke umuntu wakuleli unelungelo lokuthola amanzi ahlanzekile, kodwa futhi kungumgomo kamasipala nabezemvelo kuMasipala wesiFunda eKing Cetshwayo, ukuthi abantu bafundiswe ukuthi bawaphathe kanjani amanzi,bawonge. UBiyela, uthe abaluleke kakhulu amanzi ngoba ziningi izinto ezenziwa ngawo kubalwa ukuphuza, ukuwasha, ukugeza nokunye kanti ayasebenza noma sekusha imililo. “Sigqigquzela izakhamuzi ukuthi uma kukhona amapayipi avuzayo, zibike ukuze kulungiswe. Sinxusa futhi ukuthi uma amanzi engekho akungalinyazwa ingqalasizinda kodwa akubikwe ukuze kuzobheka inkinga.” Kukhuthazwe nabanamabhizinisi ama-car wash ukuba uma besebenzisa amanzi bawakhongozele ezigujini bangawayeki nje ageleze. UMnuz Sipho Mthembu obemele uphiko lwamanzi kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo okuyiyo ehlinzeka ngamanzi izakhamuzi zakuMasipala waseMfolozi, ubonge abaholi bakuMasipala waseMfolozi ngokubeseka ngoba ukuba ababeseki ngabe kunzima ukwenza umsebenzi. Ukhale ngabeba ingqalasizinda yamanzi nokwenza ukuthi umsebenzi wokufakele umphakathi amanzi uphazamiseke. Ukhuze nalabo abazixhumela amanzi emapayipini amakhulu wathi benza ukuthi amanzi angafinyileli kwezinye izakhamuzi. Ezinye izikhulu bezikugcizelela ukuthi inkinga yokushoda kwamanzi ikhungethe umhlaba wonke yingakho kubalulekile ukuthi ongiwe.

UMasipala waseMfolozi ubuye nendondo emiklomelweni yakwa-Cogta

UMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu uhlabane emiklomelweni yoMnyango wakwaCogta eKZN emcimbini obuseGreyville Racecourse eThekwini ngo-25 March 2025. Kulo mcimbi bekuklonyeliswa omasipala base-KZN abenze kahle emikhakheni eyehlukene yokuhambisa intuthuko emphakathini kanye nokubusa ngobuqotho, okukhona kuyo eyokuthola umbiko womcwaningi mabhuku omuhle, owohlelo lwentuthuko edidiyelwe oluhambe phambili, eyohlelo lokuthuthukiswa komnotho wendawo neminye. Lo mcimbi ugqugquzela ukuba bonke omasipala bazibophezele ekuhlinzekeni izidingo emiphakathini UMasipala waseMfolozi uphume phambili eKZN emunxeni we-Most Functional Community Service Centre Best 4th Industrial Revolution Initiative ngesikhungo sayo esilekelela umphakathi iThusong Centre. UMphathiswa wakwaCogta eKZN uMfundisi uThulasizwe Buthelezi enkulumweni yakhe kulo mcimbi, uqhakambise ukubaluleka komsebenzi womasipala. “Namuhla sibungaza imizamo engenamkhawulo yalabo abasebenza nsuku zonke ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi ithola izidingo, okungamanzi, ugesi, ukuthuthwa kwendle kanye nemigwaqo. Lezi akuzona izinto nje, kodwa ziyisisekelo sesithunzi somuntu kanye nenqubekela phambili.” UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli ubongele omasipala abaklonyelisiwe kulo mcimbi ngokuzinikela ekuhlinzekweni kwezidingo nokubusa ngobuqotho okubalwa noMasipala waseMfolozi ongeminye yabahlonishiwe. UNtuli ugcizelele ukubaluleka komasipala ukuba baqinisekise ukuhanjiswa kwezidingo kanye nokwenza izinto zibe sobala futhi bakwazi ukuphendula ngabakwenzayo. Ubuye waphawula ngokuzinikela komasipala ekubhekaneni nezingqinamba okubalwa kuzo ukuguquguquka kwesimo sezulu kubalwa nezinhlekelelo ezihambisana nokushintsha kwesimo sezulu wabe esenxusa omasipala ukuba basebenzisane nohulumeni, abaholi bomdabu, osomabhizinisi nemiphakathi.

Kushunyayelwe ivangeli lokubambisana emhlanganweni kaMasipala waseMfolozi

KUQHAKANJISWE eyobumbano emhlanganweni wezinsuku ezimbili wokuhlela amasu okuyisa phambili uMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uCllr X.M. Bhengu obubanjelwe eMfolozi Casino eMpangeni. Lo mhlangano – iStrategic Planning Session oqale ngoLwesibili, mhlaka 18 March 2025 waphothulwa ngoLwesithathu, mhlaka 19 March 2025, ubuhanjelwe amakhansela wonke omkhandlu eholwa uSomlomo uMnuz M.M Mthiyane, abaphathi beminyango eyehlukene kumasipala beholwa osabambe kwesikaMenenja kaMasilapa uMnuz M.T Nkosi, inkosi uMthiyane yesizwe saseMambuka, uMnyango wakwaCogta, abeSimangaliso Wetland Park, aboMnyango wezoLimo, abophiko lwamanzi kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo nabe-RIDZ. Abaphathi beminyango eyehlukene kumasipala benze izethulo ngezinhlelo zabo zokuthutukisa izimpilo zomphakathi owakhele uMasipala waseMfolozi yize kuhlalukile ukuthi inkinga yokuncishiswa kwesabelomali izophazamisa ukuhanjiswa ngesivinini esihleliwe ezinye izinhlelo. Udaba lwamanzi yilo oludingidwe kwabanzi njengoba amakhansela ebeke izinselelo ezibhekene nemiphakathi ngodaba oluthinta ukuphakelwa kwamanzi. Abebemele iKCDM bazithathe zonke iziphakamiso kanye nezinselelo ezibikiwe njengoba umsebenzi wokuphakela ngamanzi ungokaMasipala iKing Cetshwayo. Kulo mhlangano kubuye kwadaleka ubuhlobo njengoba iSimangaliso Wetland Park ivule izandla ukuthi ibambisane nomasipala kanye namakhosi ukuze kuthuthukiswe izindawo zakuMasipala waseMfolozi ukuze kudaleke amathuba omsebenzi. Inkosi uMthiyane yesizwe saseMambuka, income ukubambisana ekubone kulo mhlangano yagqugquzela ukuba lo moya uqhubeke. UMeya uBhengu esevala lo mhlangano ugqugquzele ukuba kube nokubambisana phakathi kwamakhansela kanye nakubasebenzi bakamasipala. Uthe: “Akumele sibheke emuva manje, sekumele sibheke phambili, siphume siyosebenzela umphakathi.”

uMayor Cllr XM Bhengu emcimbini wokubungaza izimbali zesizwe sakwaMthethwa esiholwa inkosi uMthethwa enkundleni yezemidlalo eDondotha

UMeya woMasipala waseMfolozi uMhlonishwa uCllr X M Bhengu uhlabe ikhwelo emadodeni ukuba abambe iqhaza ekulweni nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ukuze bazizwe bekhululekile. UMeya uBhengu ubekhuluma emcimbini wokubungaza izimbali zesizwe sakwaMthethwa esiholwa inkosi uMthethwa enkundleni yezemidlalo eDondotha namuhla ngeSonto. Lo mcimbi ubuhanjelwe izintombi eziqhamuka kuso sonke isizwe sakwaMthethwa, uMphathiswa woMnyango wezokuaThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga namakhosi akhele isizwe sakwaMthethwa. UMeya uBhengu utuse ubukhosi besizwe sakwaMthethwa ngomcimbi obalulekile owenzelwe ukubungaza izimbali zesizwe. Ubonge nokuba khona kwebutho kulo mcimbi, wathi kukhombisa ukubambisana kwesizwe. Inkosi uMthethwa ubonge ukubambisana okube khona esikhathini esifushane oNomehlo befikile bezocela lo mcimbi eMkhandlwini weNkosi. INkosi igquqgquzele amatshitshi ukuba aziphathe kahle. UMphathiswa uShinga ubonge oNomehlo ngomsebenzi omkhulu abawenzayo wokugcina izimbali zakwaZulu. Unxuse amatshitshi ukuba aqinise emfundweni nasekwakheni ikusasa ukuze ezokwazi ukuzimela.

Umcimbi womklomelo we-Matric Excellence Awards ka-2024

Umasipala waseMfolozi oholwa nguMeya uCllr X.M Bhengu, namuhla ubambe umcimbi womklomelo we-Matric Excellence Awards ka-2024 wokuhlonipha nokuklomelisa abafundi nezikole eziphumelele kahle eMfolozi. Lomcimbi ububanjelwe khona Kwamaspala. Ekukhulumeni kwakhe, uMeya uBhengu uncome impumelelo yekilasi lika-2024 kanjalo namacircuits, Othishanhloko, othisha, abazali kanye namalungu omphakathi abesekela abafundi, ebasiza futhi ebakhuthaza ukuthi bagxile emfundweni yabo futhi benze konke okusemandleni abo ezivivinyweni zabo zokugcina. UMeya uBhengu uphinde wakhuthaza abafundi abangenzanga kahle noma abangaphumelelanga ukuthi bangadikibali kodwa baqhubeke nokuya phambili . Lo mcimbi ubuhanjelwe uMeya kaMasipala uMhlathuze uCllr X Ngwezi, iNkosi yesizwe saBathembu kanye nabanye ababambe iqhaza. Kuklonyeliswe imikhakha elandelayo: Isikole Esithuthuke Kakhulu, Izikole Eziyi-10 Ezihamba Phambili, Abafundi abayi-10 abahamba phambili kanye nesekethe ehamba phambili UMASIPALA UMfolozi uzibophezele ekuthuthukiseni intsha yawo ngemfundo futhi uhlale uzimisele ukusiza lapho ungakwazi khona ukuthuthukisa intsha yaseMfolozi.

Ukwakhiwa kwezingqalasizinda eMfolozi

Umeya kaMasipala uMfolozi uCllr X.M Bhengu kanye nekomidi elibukela ukwakhiwa kwezingqalasizinda eMfolozi bahambele ezindaweni lapho osonkontileka asebephothule khona ukusebenza nokubheka umonakalo ngemuva kwezimvula ezinamandla ukuqinisekisa ukuthi kusesimeni esilungile ngaphambi kokuthi kudluliselwe emphakathini ngokusemthethweni. Kulezindawo kubalwa iKwaMbonambi Market Stall eWard 02 ezolekelela kakhulu kulabo abahweba erank, Nkiyankiya access road eWard 15 kanye ne Nsikeni access road eWard 01. UMhlonishwa uBhengu ubeke wathi okwabantu kufanele kuye ebantwini , yingakho umaspala uMfolozi uqinisekisa ukuthi intuthuko iyaya emphakathini.