UBE YIMPUMELELO UMKHANKASO WOKUGQUGQUZELA INHLANZEKO ESABOKWE

Kugqugquzelwe abazali ukuba bayisebenzise imigqomo uma belahla udoti ukuze nezingane zenze okufanayo ukuze ukuhlanzeka nokunakekelwa kwemvelo kube yinto ezikhula nayo. Lona kube ngeminye yemiyalezo eshiywe nomphakathi waseSabokwe ngesikhathi, uMkhandlu waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela Xolani Bhengu unomkhankaso wokugqugquzela inhlanzeko (clean up campaign) obuseSabokwe ku-ward 2 ngaphansi kukaKhansela A Mtshali namhlanje ngoLwesithathu, mhlaka 04 June 2025. Inhlangano iSiyaqhubeka inikele ngemigqomo emibili emikhulu kuMasipala waseMfolozi ukuze ibekwe kule ndawo, izakhamizi ziyisebenzise ukufaka udoti. Kulo mkhankaso bekukhona abakwaMondi, aboMnyango wakwa-EDTEA eKing Cetshwayo nenhlangano iSiyaqhubeka. Kugqugquzelwe imiphakathi ukuba inakekele imvelo ngokuhlanza izindawo ehlala kuzo. Obemele uMeya womasipala, uKhansela uN.S Ngubane, uthe uyafisa ukuthi ubudlelwane nezinye izinhlangano buhambe ibanga elide uma kubhekwa izingqinamba ezikhona emphakathini. Ugqugquzele ukubambisana. Ukhansela uNgubane uthe ezinye izinto ezilahlwayo, abantu bayakwazi ukuziphilisa ngazo. Kunconywe wakule ndawo ngokunciphisa ukulahla udoti budlabha njengoba kuvelile ukuthi phambili lapho ebekuhlanzwa khona kwakulahlwe imfucuza eningi kodwa kulokhu kubonakala sekungcono kakhulu.
UMasipala waseMfolozi nohlelo lokusheshisa ukulungiswa kwemigwaqo

UMasipala waseMfolozi oholwa yiMeya uKhansela uXolani Bhengu usuqhamuke nohlelo lokusheshisa ukulungiswa kwemigwaqo engenela emakhaya njengoba sisikhulu isikhalo emphakathini ngokonakalo kwayo. IMeya uBhengu ngesikhathi ehambisana nobuholi bomasipala behambele ku-ward 17 eNtambanana ngoLwesine mhlaka 22 May 2025, beyothula umgwaqo i-Ezinyosini Access Road, uveze ukuthi sebeqhamuke nalolu hlelo ukuzama ukulungisa lesi simo esibhekene nemiphakathi. Uveze ukuthi njengoba umasipala unamagrader amathathu, iTLB eyodwa, iloli nogandaganda. Uqinisekise ukuthi amakhansela ayayibika imigwaqo eyonakele kanti yonakele kumasipala wonke. “Kunohlelo esithe asilushintshe lokusebenza, ngoba kuqala besenza uhlelo lokuthi amagrader asebenze amawadi amathathu ngokwehlukana. Iqiniso ukuthi uma isebenza kwenye i-vd nina ngala nibona sengathi ukhansela akenzi lutho ngoba aniyiboni endaweni yenu. “Sishintshileke kunohlelo esiluqale kabusha ngoMsombuluko, ukuze yonke imigwaqo sizame ukuyiqeda. Kulolu hlelo ikhansela lizothola izinsuku ezimbili, kulezi zinsuku amagrader womathathu, azoya kulelo khansela ehambisana neloli likamasipala ukuze uma kunezindawo ezindinga ukuvalwa ngenkwali bakwazi ukuvala, kube ne-TLB ukuze uma kufanele kufakwe amapayipi kufakwe amapayipi kanye nogandaganda,’ kusho uBhengu. Uthe bazama ukuthi kusheshe ukuthi ukulunga kwemigwaqo kuzothi uma sekudlulwe kuleli hlandla kuphinde kube nehlandla lesibili. Uthe umasipala unama-ward angu-18 kanti kunemigwaqo elinganiselwa ku-60 kuwo, bayakuqonda ukuthi uma kune imvula kwalimala le migwaqo, ume ike yasa, izakhamizi zifisa sengathi kungalungiswa ngosuku olulodwa nokuyinto engeke kwenzeke kanjalo yingako becela ukuthi umasipala ubekezelelwe ngoba imvula iyimvelo kanti futhi kuyabonaka ukuthi ina ngendlela engajwayelekile njengoba sekuyisikhathi sasebusika kodwa ilokhu ine njalo. UMeya uncome umsebenzi kasonkontileka olungisa umgwaqo waseZinyosini ngomsebenzi omuhle wathi kuyancomeka ukubona osomabhizinisi abamnyama bezinikela ekwenzeni umsebenzi ngendlela egculisayo. Uthe kule migwaqo enganyelwe uMnyango wezokuThutha bazowucela ukuthi usondele ukuze uzokwenaba ngezinhlelo zemigwaqo yaseMfolozi. Lo masipala ngoLwesibili mhlaka 20 May 2025, bewuhlaba isoyi emgwaqweni uNew York noMsengu ku-ward 14 kanti leli soyi lihlatshwe le migwaqo isivele iyalungiswa. UBhengu uthe bashintshe ukwenza ukuze kungabi khona isimo lapho kuhlatshwa khona isoyi bese kube ngukuphela leyo ntuthuko ingafiki. Uthe bafuna ukuthi bafike sekukhona abantu abakubonayo ukuthi kuyenziwa.
UMEYA WASEMFOLOZI UHALALISELE UTHISHA WASEMZINGAZI NGENDONDO

UGQUGQUZELE othisha ukuba bazithuthukise ngemfundo uthisha wasesikoleni eMzingazi Primary, eMzingazi ngaphansi koMasipala waseMfolozi obuye nendondo ezweli lase-India muva nje. UNkk Mpilo Cele ofundisa iNatural Sciences kwa-grade 7 kulesi sikole ubuye nendodo ye-Royal Golden Award emunxeni weBest Global Academician ngocwaningo lwakhe obelubheka amasu asetshenziswa uma kufundiswa izingane emakilasini emazweni omhlaba. UNkk Cele usebhale ama-articles angu-186 afundwa emazweni ehlukene ebheka izinto ezehlukene ngemfundo. Njengoba uNkk Cele ubeye e-India ubezobe ehambe nozakwabo uNksz Bonisiwe Maphumulo owadlula emhlabeni ngoDisemba nyakenye kubanjwa inkunzi imoto yemali eMzingazi. UNksz Maphumulo wayesanda kubuya nendodo kuma-National Teachers Awards eyayihambisana nemoto kanti uNksz Cele uveze ukuthi libiziwe igama lakhe kulo mcimbi aklonyeliswe kuwo ngoba naye bekufanele ngabe ubekhona. UNkk Cele ukhuluma ngemfundo nje uyayikazela imiyezane njengoba enenqwaba yeziqu kwezemfundo. Lesi sikole ngoLwesihlanu ekuseni sivakashelwe uMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ehambisana nekhansela laku-ward 06 uKhansela uCelimpilo Makhunga beyohalalisela uNkk Cele, othisha, abafundi nabahloli ngokuhlabana kwalo thisha. UMeya uBhengu ethula inkulumo, ubpnge uthishomkhulu walesi sikole nabo bonke othisha ngokubambisana ukuze kube nempumelelo kaNkk Cele. “Bothisha sincane isikhathi la enibongwa khona ngemisebenzi yenu kodwa isikhathi esiningi niyagxekwa, ukuphumelela kukadadewethu eqa imifula nemifulakazi, eqa ulwandle eya e-India bese eba omunye wabantu abashawe emakhanda kwathiwa South Africa nani ninethalente elikhulu kangaka kwenza ngiziqhenye.” Uthe bewuMasipala waseMfolozi bayaziqhenya ngoNkk Cele obabeke ebalazweni yingakho bethathe ithuba lokuzothi ‘Siyabonga”. “Wenze kwazeka ukuthi ngaphansi koMasipala waseMfolozi kunesikole saseMzingazi, ngaphansi kweMfolozi kunothisha abakwazi ukwenza okwehlukile kwabanye.” Uthe uyakholwa ukuthi uNkulunkulu ubezosula izinyembezi abazikhala ngesikhathi kudlula emhlabeni uNksz Maphumulo, wadlulisela umoya wakhe kuNkk Cele ukube aqhubeke nomsebenzi aye phambli. Umhloli uMnuz S.A Mnqayi uthe ubonge umsebenzi omuhle, wabonga ukubambisana kwazo zonke izinhlaka zesikole Uthe bafisa lokhu okwenzekayo kuqhubeke. Uthishomkhuluu Nkk Nxumalo uthe bazobungaza, bazobonga imisebenzi yothisha abaphethwe umhloli uMnqayi noMeya uBhengu ngoba njengoba (uBhengu) ephethe iso lakhe libuka nxa zonke. Uthe benesigungu sabazali bayethembisa ukuthi bayohlale benza abaholi ukuthi bahambele phezulu ngoba othisha bakhuluma ngezwi elilodwa lokuthi bafuna ikusasa labafundi liphumelela. Ugqugquzele abafundi ukuthi bathande imfundo ngoba ayikhulelwa.
Umkikizo bexhaswa ngezinsiza zokuzithuthukisa eMfolozi

Yini intuthuko? Lona kube ngumbuzo obulokhu ubuzwa uMeya waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ngesikhathi edlulisa izinsizakusebenza kumalungu omphakathi anamabhizinisi asathuthuka nemifelandawonye ngesikhathi uMkhandlu wesiFunda iKing Cetshwayo nowaseMfolozi kwethulwa isabelomali nezinhlelo zentuthuko edidiyelwe ngoLwesihlanu mhlaka 09 May 2025, eGegede. UMeya uBhengu ethula lezi zinsiza kwababefake izicelo, uthe baningi abantu bakulo masipala abafake izicelo zokuxhaswa ngezinsiza zokuthuthukisa amabhizinisi abo nezokuqala amabhizinisi ukuze babeke ukudla etafuleni. Uthe benguMasipala benze isiqiniseko sokuthi wonke ama-ward angu-18 akulo masipala ayathola. Uthe bazibophezela ngesikhathi bethatha izintambo zokuhola ukuthi abazukubheka ukuthi umuntu ugqoke siphi isikibha senhlangano kodwa intuthuko abazoyiletha kubantu baseMfolozi izofana nemvula enetha wonke umuntu. UMeya uBhengu unxuse abanikwe izinsiza ukuba bazisebenzise kahle ukuze bakwazi ukuzondla nemindeni yabo nokuzithuthukisa. Kulo mcimbi obuhanjelwe uMeya waseKing Cetshwayo uKhansela uS.Z Dlamini, amakhansela kuMasipala waseKCDM naseMfolozi, abasebenzi beholwa izimenenja zomasipala bobabili namalungu omphakathi bekukhona naboMnyango wezeMpilo noMnyango wezeMvelo. Umphakathi uqwashiswe ngokuya emtholampilo uyozihlolela izifo ikakhulukazi abesilisa abajwayele ukubonakala bemadolonzima ukuya ezikhungweni zezempilo UMnyango wezeMvelo uqwashise ngesifo samarabi ezilwaneni ezifuywe emakhaya wagqugquzela ukuba zigonywe, waxwayiswa ngokuthi yiziphi izimpawu umphakathi okumele uziqaphele uma uke walunywa izilwane bese ushesha uya emtholampilo ukuze uthole usizo lwezempilo. UMeya uDlamini wethule izinhlelo zamanzi uMasipala waseKing Cetshwayo ozoziletha eMfolozi wagcizelela ukuthi inkinga yamanzi ikhona kodwa benza konke okusemandleni ukuthi umphakathi uhlinzekwe ngamanzi ahlanzekile. Amalungu omphakathi athole ithuba lokwethula izincomo nezikhalo zawo ngentuthuko.
UMasipala waseMfolozi uvule umgwaqo iSodaka Access Road

UMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ubonge umphakathi wakulo masipala ngokusabela uma ubizelwa ukuzokwethulelwa izinhlelo zentuthuko. UMeya uBhengu ubekhuluma nomphakathi waseNhlanzini ngesikhathi ubuholi bukamasipala buvula ngokusemthethweni iSodaka Access Road ngoLwesine mhlaka 08 May 2025. Lomgwaqo usuka emgwaqweni okuDaladi uze uyongenela emgwaqweni omkhulu, ufakwe nebhuloho elizokwazi ukuhambisa amanzi ngaphansi. Ubuwubhuqu obekwenza kungahambeki uma kuna imvula enkulu ikakhulukazi izithuthi zomphakathi. Umphakathi wabika udaba lwalo mgwaqo ekhanseleni uMnuz M.N Nxumalo, owaludlulisela kumasipala njengoba umgwaqo ubusuvulwa. UMeya uBhengu uthembise umphakathi wakulo masipala ukuthi intuthuko iyeza, washo nokuthi uyazi ukuthi umphakathi ufisa sengathi kungenzeka konke kanye kanye kodwa ngeke kwenzeke kanjalo ngenxa yesimo somnotho ontengayo. Ubalule nokuguquguquka kwesimo sezulu okudala ukuthi kube khona imvula eningi, kuthi noma kade belungisa imigwaqo iphinde yonakale. Ucele ukuba kube nokuhloniphaka nokubekezelelana phakathi kwezakhamuzi namakhansela. USomlomo womkhandlu uKhansela Mlungisi Mthiyane enkulumweni yakhe uxwayise umphakathi ngodaba lokukokotelwa kukagesi nomonakalo okuwudalayo okugcina kuphazamisa nabanye abantu. UKhansela uMthiyane unxuse umphakathi ukuba uma uzazi ukuthi ukokotele ugesi noma kukhona okungalungile kugesi wawo, ukuba uyoziceba kwa-Eskom ngoba u-Eskom awusafuni ukufonelwa amakhansela kodwa usufuna kufike umuntu okunguyena owafakelwa isigubhu. ‘Ikhansela njengomholi womphakathi selinganiphelezela ukuninika isibindi uma seniya kwa-Eskom kodwa usufuna ukuthi umuntu azifikele yena uma kunenkinga kagesi.
Injabulo kuvulwa iKwaMbonambi Market Stalls eMfolozi

Kube yinjabulo kubahwebi baserenki yaKwaMbonambi kuMasipala waseMfolozi kuvulwa ngokusemthwethweni isakhiwo abazohwebela kuso ezizobalekelela ukuthi bahwebe endaweni ephephile enezinsiza. I-KwaMbonambi Market Stalls ivulwe ngokusemthethweni uMEC woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo uRev Musa Zondi noMeya woMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ngoLwesibili mhlaka 06 May 2025. Lo mcimbi ubuhanjelwe ngamakhansela omkhandlu, izisebenzi zomnyango wakwa-EDTEA nakuMasipala waseMfolozi, amalungu omphakathi nabebezohlomula ngesakhiwo. UMasipala waseMfolozi wabhalela umnyango kaRev Zondi ucela ukuba uxhaswe ngemali ozothuthukisa ngayo le ndawo yabahwebi edle imali engu-R3 million. URev Zondi, uthe ukwakha umphakathi uma abantu bengaguli ukuba basizwe bakwazi ukuzakha nokuzenzela ngoba intuthuko ileyo. “Umnotho hhayi lapha eNingizimu Afrika kuphela kodwa emazweni awo wonke umhlaba wakheka ngokuthi amalungu omphakathi, asukume nawo azihlonzele ukuthi iliphi iqhaza azolibamba ekuthuthukisweni komnotho, wendawo yabo ekuthuthukisweni kwezwe lawo.” Uthe bahlangabezana nomphakathi obuziqalele wona ukuthi unethwe imvula, ushiswe yilangabethengisa abakuthengisayo kodwa kwabonakala ukuthi indlela abasebenza ngayo ingaphansi kwengcindezi nobukhuni. URev Zondi uthe uyazi ukuthi lokhu abakwenzile akwenele kodwa uma wakha akumane kuthi vumbu bese kwenzeka konke ngesikhathi esisodwa. “Empeleni intuthuko iqala iyiphupho, kunombono njengale ndawo esikuyona (KwaMbonambi), izizukulwane ezizayo azizukwazi ukuthi kwaqala kwaba khona umbono ngale ndawo, bona bobona sebengena nezinqola sekushaya umoya obandayo,’ kuchaza uRev Zondi. Uthe uyafisa,ngokokuvuma kwezimali zikahulumeni ukuthi lesi siqaliso kube ngesokuqala kodwa kuqhubekele njalo ukuze bonke abahwebi abasebenza kule ndawo bahlinzekeleke ngendlela efanele. Unxuse ukuba umphakathi uziqaphe lezi zakhiwo. UMeya uBhengu ubongele abahlomulile wabanxusela ukuba izakhiwo zabo zingavikelela. Uqinisekise ukuthi njengoMasipala waseMfolozi bazibophezela ukuthi bazibophezela ukuthi bazohlinzeka abahwebi ngonogada ozoqapha lesi sakhiwo. Unxuse nomphakathi ukuba usiqaphe. “Siyazi baningi abantu abahwebayo la, isakhiwo esisethule namuhlanje sinamagumbi angu-8, abanye abahwebayo bathole ama-gazzebo abanye bathola ama-umbrella abazobe bebambisa ngawo.” Uthe uyazi kukhona abanye abasafisa ukuhweba kodwa ubanxusa ukuba balandele imigudu bayofaka isicelo kamasipala, bathole izimvume ukuze idolobha libukeke lihlanzekile. UMeya uBhengu ukhuleke kuMEC uRev Zondi ukuba aphinde futhi eze nesigaba sesibili ukuze irenki ithuthuke iye phambili ukuze irenki igcine isinompheme ukuze abamatekisi nabagibeli babe nendawo yokukhosela. Abahlomulile babonge kakhulu emnyangweni nakuMasipala waseMfolozi ngokwakhelwa lezi zakhiwo ezinamanzi nogesi futhi ezikhiyekayo.
Injabulo emphakathini kuvulwa ihholo eNtuthunga

Kuphelile ukuhlanganyela ngaphansi kwezihlahla emphakathini waseNtuthunga njengoba namuhla ngoLwesithathu mhlaka 23 April 2025 uMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu uvule ihholo kuleli ndawo. USomlomo uKhansela M. M Mthiyane obethula inkulumo egameli likaMeya uBhengu, uthe uyababongela abantu bekule ndawo ngokuba nekhansela elifana neKhansela uNdimande abalithuma ukuyobacelela abakudingayo njengoba ikhansela lishilo ukuthi umhlangano, umphakathi owawucela kuwo ihholo wawubanjelwe ngaphansi kwesihlahla. UKhansela uMthiyane unxuse ukuthi umphakathi kube yiwo oliqaphile. Uthe benguwubuholi baseMfolozi basazimisele ukusebenzela umphakathi ngokuphuthuma. UKhansela uMthiyane uthe umkhandlu kuningi okwenzayo, awuvuli amahholo kuphela. Ubalule ukulungisa imigwaqo engenela emakhaya, ukusiza abafisa ukuthuthukusa amabhizinisi nokulekelela abafundi abaphase umatric ukuba babhalise ezikhungweni zemfundo ephakeme. Induna yendawo uNzuza uthe kade balilinda ihholo. Ubonge umphakathi ngokubekezela, ulinde intuthuko. Ubonge uKhansela uNdimande ukuthi wathi umphakathi usukhombile ukuthi udinga ihholo waliletha.
Kuhlomule abamabhizinisi nabezinhlangano zomphakathi kwethulwa isabelomali

UMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ehambisana nobuholi bukamasipala namuhla ngoLwesibili, mhlaka 22 April 2025 wethule isabelomali esihlongozwayo kanye nezinhlelo zentuthuko edidiyelwe konyaka ka-2025/2026 ku-Ward 01 KwaSokhulu Sportfield. UMeya wethule isabelomali sikaR244, 280, 212 kanti ukugcizelele ukuthi lesi sabelomali sinciphile uma siqhathaniswa nesonyaka wezimali owedlule ngenxa yesimo somnoto esintengayo ezweni jikelele. Kubuye kwadluliselwa izinsiza zokuthuthukisa izakhamuzi emawadini aseCoastal obekuyiwo abeyingxenye yalo mcimbi. UMeya uBhengu unxuse abahlomulile ukuba banakekele izinsiza ezidluliselwe kubo ukuze umasipala uqhubeke ulekelele abanye ngoba ziningi izicelo ezikhona ezilinde uxhaso. UMeya uBhengu ulalele iziphakamiso, izikhalo kanye nezincomo zomphakathi ngentuthuko kumasipala kanti usheshe waphendula kwisakhamuzi saku ward 06 esicele ukuthengelwa amatshwele ukuze siziqalele ibhizinisi, nathe uzokhipha kwelakhe iphakethe ukumthengela angu-200. Kuqale kwavulwa ngokusemthethweni umgwaqo iNsikeni Access Road. Inhlangano Ubuntu Trust abasiza uma kushonelwe bahlomule ngetende, izihlalo nokunye. UNkk Fikile Mdetshe oyilunga layo uthe bayabonga ukuba bathole lokho ababekucelile okuzobalekelela emsebenzini abawenzayo.
INJABULO UMASIPALA WASEMFOLOZI UVULA IHHOLO EGEGEDE

Bahluleke ukuzibamba yinjabulo abantu baseGegede esigodini saseNhlabosini, bakikiza bashaya ingoma,uMeya waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu evula ngokusemthethweni ihholo ebelakhiwa kule ndawo, ngoLwesine mhlaka 17 April 2025. Leli hholo linekhishi, indawo yokuhlanganela, izindlu zangasese, indawo yokupaka efakwe ukhonkolo kanti kungenzelwa kulo noma iluphi uhlobo lomcimbi. Ethula inkulumo elivula uMeya uBhengu, uthe bayajabula ukuthi bebezofeza iphupho elalikade lifiswe abantu bakule ndawo. Uvezi ukuthi isicelo sokwakhelwa leli hholo safakwa ikhansela lakule ndawo uMthethwa esanda kungena esikhundleni. Uthe uMasipala waseMfolozi ungomunye womasipala abancane abangakwazi ukuzikhandela imali kodwa oncike kakhulu emalini owuthola kowesifundazwe esuke iphume kokazwelonke. “Safundiswa ukuthi singabothembisa bese singenzi, uMntwana waKwaPhindangene wasifundisa ukuthi sethembeke, yingakho nesiqubulo sethu sithi ‘Sethembe’. Njengoba sathembisa ukuthi siyezwa, namuhla besizofezekisa enanikucelile”. UBhengu uthe leli hholo akusilo elikamasipala, kodwa likhandwe umasipala elikhandela umphakathi okusho ukuthi kungumsebenzi womphakathi ukuthi njengoba livulwa lilihle kanjena, bayaligada, uma kuphela iminyaka emithathu liqhubeke libe lihle kanje. Umasipala uqashe abasuka emphakathini ababili abazoligada ebusuku ukuze kwenziwe iziqiniseko sokuthi livikelekile. UBhengu uthe emini lizobhekwa abasebenzi bohlelo lwe-EPWP kanye nomphakathi. Uthe leli hholo baliqambe ngenduna engasekho yakule ndawo uBritania, owayethuthukisa umphakathi ngaphambi kokuba kube khona omasipala. Leli hholo libizwa ngeBritania Community Hall. UBhengu akakushiyanga ngaphandle ukunxusa umphakathi ukuba ulwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane wacela ukuthi njengoba kukhona izinhlelo zokukhulisa amantombazane, zibe khonanezokukhulisa abafana ukuze zihambisane bakwazi ukuphatha amantombazane asuke eziphathe kahle. Induna uMthethwa ihambe emazwini kaBhengu yahlaba lonke uhlobo lokuhlukumezana emphakathin okubalwa nobubhoklolo obubonakala banda ezikoleni.
Kuxwayiswa ngesimo sezulu esiku-Level 4 esihambisana nemvula enamandla