



Bahlonyiswe ngolwazi lokuzithuthukisa abantu abasha baku-ward 18 kuMasipala waseMfolozi oholwa umhlonishwa iMeya uKhansela uXolani Bhengu ngesikhathi kunomkhankaso, iYouth Awareness Campaign ohlelwe uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi. Lo mkhankaso ubuhanjelwe iminyango eyahlukene okukhona kuwo, uMnyango wezaBasebenzi, amaphoyisa akwaSAPS , abe-IEC, abaseNedbank, abeMoses Kotane Institute kanye nabenhlangano engenzi nzuzo iNhlansiyethemba Community Development. Le minyango yenze izethulo ngezinhlelo enazo zokuthuthukisa abantu abasha nokuthi bangazibandakanya kanjani nalezi zinhlelo. Kulo mkhankaso, abebekhona babuye bafakwa kwi-database yabangasebenzi ukuze babe semathubeni okuqasheka uma kuvela amathuba. Kubuye kwadingidwa izindlela zokulondoloza imali ukuze abantu uma sebesebenza bakwazi ukonga imali nokuthi yiziphi izinhlelo ezikhona zokonga imali ezihambisana nemiholo yabo.
Abebehambele lo mkhankaso bathole nethuba lokubuza ngezinto ezidingekayo uma kuqashwa eminyangweni ehlukene. Amaphoyisa axwayise intsha ukuthi iphume esixukwini ngoba isixuku sikuholela lapho ungadingeki khona ugcine sewungena ezintweni ezingamosha impilo yakho. Intsha igqugquzelwe ukuthi ilungiselele ikusasa layo kusenesikhathi.