uMfolozi Municipality

Izihlathi zivakashele amadlebe kosomabhizinisi abasathuthuka bakuMasipala waseMfolozi oholwa uMhlonishwa uKhansela uXolani Bhengu ngesikhathi uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo oholwa uMhlonishwa uMeya uKhansela S.Z Dlamini uzodlulisela kubo izinsiza zokuthuthukisa amabhizinisi abo.

Abaholi banxuse ukuba bakuphathise okwezikhali zamaNtungwa abakutholile ukuze kuthuthuke amabhizinisi abo. Abahlomulile babonge uMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo noMasipala waseMfolozi ngokuthi izicelo zabo ziphumelele, sebezokwazi ukuthuthukisa amabhizinisi abo, babeke isinkwa etafuleni badale namathuba omsebenzi.

UNksz Nokuthula Mblokazi waku-ward 03, ubonge uMasipala waseMfolozi nowaseKing Cetshwayo nekhansela lakhe ngetuba lokufaka isicelo, isicelo sakhe saphumelela.

Uthe ubonga kakhulu ngoba uzoqhubeka asebenze njengoba ethole ifriji, amabhodwe, izitsha zokuthulula ukudla kanti futhi uzokwazi nokwengeza abasebenzi kwababili anabo babe bane, aqhubeke nokuziphilisa.

Abahlomulile banxuswe ukuba izinsiza zamabhizinisi abazihlomulile bangazidayisi kodwa bazisebenzise ukukhulisa amabhizinisi abo ukuze badale amathuba omsebenzi baxoshe nekati eziko.