uMfolozi Municipality

Umcimbi womklomelo we-Matric Excellence Awards ka-2024

Umasipala waseMfolozi oholwa nguMeya uCllr X.M Bhengu, namuhla ubambe umcimbi womklomelo we-Matric Excellence Awards ka-2024 wokuhlonipha nokuklomelisa abafundi nezikole eziphumelele kahle eMfolozi. Lomcimbi ububanjelwe khona Kwamaspala. Ekukhulumeni kwakhe, uMeya uBhengu uncome impumelelo yekilasi lika-2024 kanjalo namacircuits, Othishanhloko, othisha, abazali kanye namalungu omphakathi abesekela abafundi, ebasiza futhi ebakhuthaza ukuthi bagxile emfundweni yabo futhi benze konke okusemandleni abo ezivivinyweni zabo zokugcina. UMeya uBhengu uphinde wakhuthaza abafundi abangenzanga kahle noma abangaphumelelanga ukuthi bangadikibali kodwa baqhubeke nokuya phambili . Lo mcimbi ubuhanjelwe uMeya kaMasipala uMhlathuze uCllr X Ngwezi, iNkosi yesizwe saBathembu kanye nabanye ababambe iqhaza. Kuklonyeliswe imikhakha elandelayo: Isikole Esithuthuke Kakhulu, Izikole Eziyi-10 Ezihamba Phambili, Abafundi abayi-10 abahamba phambili kanye nesekethe ehamba phambili UMASIPALA UMfolozi uzibophezele ekuthuthukiseni intsha yawo ngemfundo futhi uhlale uzimisele ukusiza lapho ungakwazi khona ukuthuthukisa intsha yaseMfolozi.

Ukwakhiwa kwezingqalasizinda eMfolozi

Umeya kaMasipala uMfolozi uCllr X.M Bhengu kanye nekomidi elibukela ukwakhiwa kwezingqalasizinda eMfolozi bahambele ezindaweni lapho osonkontileka asebephothule khona ukusebenza nokubheka umonakalo ngemuva kwezimvula ezinamandla ukuqinisekisa ukuthi kusesimeni esilungile ngaphambi kokuthi kudluliselwe emphakathini ngokusemthethweni. Kulezindawo kubalwa iKwaMbonambi Market Stall eWard 02 ezolekelela kakhulu kulabo abahweba erank, Nkiyankiya access road eWard 15 kanye ne Nsikeni access road eWard 01. UMhlonishwa uBhengu ubeke wathi okwabantu kufanele kuye ebantwini , yingakho umaspala uMfolozi uqinisekisa ukuthi intuthuko iyaya emphakathini.

Kuphethwa uhlelo lwe BACK TO SCHOOL kuvakashelwe izikole oGome Combined School kanye nase Mningi high school

UMasipala uMfolozi oholwa ngobuqotho uMeya uCllr X.M Bhengu kanye nethimba lakhe lonke bahambele endaweni yaseMbabe eWard 08 oGome Combined School kanye nase Ntambanana eWard 17 eMningi high school ukuyokhuthaza abafundi ngokuziphatha kanye nangokuzinikela ezifundweni zabo nobekuyilapho bekuphethwa khona uhlelo luka BACK TO SCHOOL. UMhlonishwa ube eseqinisekisa ukuthi umasipala uMfolozi unama bursary asiza abafundi abasebenze kahle ukuthi bakwazi ukubhalisa ezikoleni zemfundo ephakeme , kuphinde kube nomcimbi wokuhalalisela labo abasuke bephase kahle kumatikuletsheni wabo.Lapho basuke bemukeliswa nangezipho eziyobalekelela uma sebeqhubeka nemfundo yabo, Okungukukhuthaza abafundi abenza umatikuletsheni ukuthi nangonyaka ozayo bengaba kulelo hlelo uma bezozibamba ziqine ezifundweni zabo kuphetha uBhengu. Ube esedlusa izipho kubafundi abebehlonziwe kanye nakubaphathi besikole.

Kuvakashelwe iManqamu high school ngokohlelo lwe BACK TO SCHOOL

Ulokhu uqhubeke njalo umshikashika wokuhambela izikole okuwuhlelo luka BACK TO SCHOOL . Umeya womkhandlu uMfolozi uCllr X.M Bhengu ehambisana nobuholi bomkhandlu namuhlanje bavakashele eward 03 esikoleni iManqamu high school . Umhlonishwa uBhengu ubeke wathi mithathu iminxa okufanele ibambisane ukuze kuphume imiphumela emihle , okungumzali , uthisha kanye nomfundi. Wakhuthaza abafundi ukuthi bezithibe kwizidakamizwa begxile ezincwadini zabo begade indlela abaziphatha ngayo bese bengaqhelelani nomkhuleko bebeke uNkulunkulu phambili kukho konke kuphetha uBhengu. Ube esedlulisa izipho kubafundi abebehlonziwe kanye nakubaphathi besikole.

Kuvakashelwe iLangalibomvu High School phansi kohlelo luka Back To School Drive

Umeya kamaspala uMfolozi uCllr X.M Bhengu kanye nethimba lakhe lonke bahambele endaweni yakwaSokhulu eward 01 esikoleni iLangalibomvu high school phansi kohlelo luka BACK TO SCHOOL . Ngaloluhlelo uMaspala uhlose ngalo ukukhuthaza abafundi njengoba unyaka uqala bephinde bethole ukulekeleleka ngezinsizakufunda. UMhlonishwa uBhengu ubeke wathi abafundi abazibambe ziqine unyaka usaqala ukuze bethole imiphumela emihle ekupheleni konyaka. Uqhube wathi abafundi abagade indlela abaziphatha ngayo , bezinike iskhathi ezifundweni okanye ezincwadini zabo bese begweme ukhlukumezana bona bengabafundi. “Umatikuletsheleni wase Langalibomvu wakulonyaka uphase ngo83% kulonyaka silindele ukuthi likhuphuke liye ku100% lokho kuyokwenzaka ngokubambisana kanye nothisha. Kuyajabulisa ukuthi umfundi obashaye amakhanda bonke esifundazweni sakwaZulu Natal uphume eMfolozi okungu Siphosiphelele Masango kungaba kuhle ukuthi nabanye abafundi bebukele kuye ube isibonelo esihle kuphetha uMhlonishwa. Ube esedlulisa izipho kubafundi abebehlonziwe kanye nakubaphathi besikole.