uMfolozi Municipality

UMasipala waseMfolozi uvule umgwaqo iSodaka Access Road

UMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ubonge umphakathi wakulo masipala ngokusabela uma ubizelwa ukuzokwethulelwa izinhlelo zentuthuko. UMeya uBhengu ubekhuluma nomphakathi waseNhlanzini ngesikhathi ubuholi bukamasipala buvula ngokusemthethweni iSodaka Access Road ngoLwesine mhlaka 08 May 2025. Lomgwaqo usuka emgwaqweni okuDaladi uze uyongenela emgwaqweni omkhulu, ufakwe nebhuloho elizokwazi ukuhambisa amanzi ngaphansi. Ubuwubhuqu obekwenza kungahambeki uma kuna imvula enkulu ikakhulukazi izithuthi zomphakathi. Umphakathi wabika udaba lwalo mgwaqo ekhanseleni uMnuz M.N Nxumalo, owaludlulisela kumasipala njengoba umgwaqo ubusuvulwa. UMeya uBhengu uthembise umphakathi wakulo masipala ukuthi intuthuko iyeza, washo nokuthi uyazi ukuthi umphakathi ufisa sengathi kungenzeka konke kanye kanye kodwa ngeke kwenzeke kanjalo ngenxa yesimo somnotho ontengayo. Ubalule nokuguquguquka kwesimo sezulu okudala ukuthi kube khona imvula eningi, kuthi noma kade belungisa imigwaqo iphinde yonakale. Ucele ukuba kube nokuhloniphaka nokubekezelelana phakathi kwezakhamuzi namakhansela. USomlomo womkhandlu uKhansela Mlungisi Mthiyane enkulumweni yakhe uxwayise umphakathi ngodaba lokukokotelwa kukagesi nomonakalo okuwudalayo okugcina kuphazamisa nabanye abantu. UKhansela uMthiyane unxuse umphakathi ukuba uma uzazi ukuthi ukokotele ugesi noma kukhona okungalungile kugesi wawo, ukuba uyoziceba kwa-Eskom ngoba u-Eskom awusafuni ukufonelwa amakhansela kodwa usufuna kufike umuntu okunguyena owafakelwa isigubhu. ‘Ikhansela njengomholi womphakathi selinganiphelezela ukuninika isibindi uma seniya kwa-Eskom kodwa usufuna ukuthi umuntu azifikele yena uma kunenkinga kagesi.

Injabulo kuvulwa iKwaMbonambi Market Stalls eMfolozi

Kube yinjabulo kubahwebi baserenki yaKwaMbonambi kuMasipala waseMfolozi kuvulwa ngokusemthwethweni isakhiwo abazohwebela kuso ezizobalekelela ukuthi bahwebe endaweni ephephile enezinsiza. I-KwaMbonambi Market Stalls ivulwe ngokusemthethweni uMEC woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo uRev Musa Zondi noMeya woMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ngoLwesibili mhlaka 06 May 2025. Lo mcimbi ubuhanjelwe ngamakhansela omkhandlu, izisebenzi zomnyango wakwa-EDTEA nakuMasipala waseMfolozi, amalungu omphakathi nabebezohlomula ngesakhiwo. UMasipala waseMfolozi wabhalela umnyango kaRev Zondi ucela ukuba uxhaswe ngemali ozothuthukisa ngayo le ndawo yabahwebi edle imali engu-R3 million. URev Zondi, uthe ukwakha umphakathi uma abantu bengaguli ukuba basizwe bakwazi ukuzakha nokuzenzela ngoba intuthuko ileyo. “Umnotho hhayi lapha eNingizimu Afrika kuphela kodwa emazweni awo wonke umhlaba wakheka ngokuthi amalungu omphakathi, asukume nawo azihlonzele ukuthi iliphi iqhaza azolibamba ekuthuthukisweni komnotho, wendawo yabo ekuthuthukisweni kwezwe lawo.” Uthe bahlangabezana nomphakathi obuziqalele wona ukuthi unethwe imvula, ushiswe yilangabethengisa abakuthengisayo kodwa kwabonakala ukuthi indlela abasebenza ngayo ingaphansi kwengcindezi nobukhuni. URev Zondi uthe uyazi ukuthi lokhu abakwenzile akwenele kodwa uma wakha akumane kuthi vumbu bese kwenzeka konke ngesikhathi esisodwa. “Empeleni intuthuko iqala iyiphupho, kunombono njengale ndawo esikuyona (KwaMbonambi), izizukulwane ezizayo azizukwazi ukuthi kwaqala kwaba khona umbono ngale ndawo, bona bobona sebengena nezinqola sekushaya umoya obandayo,’ kuchaza uRev Zondi. Uthe uyafisa,ngokokuvuma kwezimali zikahulumeni ukuthi lesi siqaliso kube ngesokuqala kodwa kuqhubekele njalo ukuze bonke abahwebi abasebenza kule ndawo bahlinzekeleke ngendlela efanele. Unxuse ukuba umphakathi uziqaphe lezi zakhiwo. UMeya uBhengu ubongele abahlomulile wabanxusela ukuba izakhiwo zabo zingavikelela. Uqinisekise ukuthi njengoMasipala waseMfolozi bazibophezela ukuthi bazibophezela ukuthi bazohlinzeka abahwebi ngonogada ozoqapha lesi sakhiwo. Unxuse nomphakathi ukuba usiqaphe. “Siyazi baningi abantu abahwebayo la, isakhiwo esisethule namuhlanje sinamagumbi angu-8, abanye abahwebayo bathole ama-gazzebo abanye bathola ama-umbrella abazobe bebambisa ngawo.” Uthe uyazi kukhona abanye abasafisa ukuhweba kodwa ubanxusa ukuba balandele imigudu bayofaka isicelo kamasipala, bathole izimvume ukuze idolobha libukeke lihlanzekile. UMeya uBhengu ukhuleke kuMEC uRev Zondi ukuba aphinde futhi eze nesigaba sesibili ukuze irenki ithuthuke iye phambili ukuze irenki igcine isinompheme ukuze abamatekisi nabagibeli babe nendawo yokukhosela. Abahlomulile babonge kakhulu emnyangweni nakuMasipala waseMfolozi ngokwakhelwa lezi zakhiwo ezinamanzi nogesi futhi ezikhiyekayo.

Injabulo emphakathini kuvulwa ihholo eNtuthunga

Kuphelile ukuhlanganyela ngaphansi kwezihlahla emphakathini waseNtuthunga njengoba namuhla ngoLwesithathu mhlaka 23 April 2025 uMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu uvule ihholo kuleli ndawo.  USomlomo uKhansela M. M Mthiyane obethula inkulumo egameli likaMeya uBhengu, uthe uyababongela abantu bekule ndawo ngokuba nekhansela elifana neKhansela uNdimande abalithuma ukuyobacelela abakudingayo njengoba ikhansela lishilo ukuthi umhlangano, umphakathi owawucela kuwo ihholo wawubanjelwe ngaphansi kwesihlahla. UKhansela uMthiyane unxuse ukuthi umphakathi kube yiwo oliqaphile. Uthe benguwubuholi baseMfolozi basazimisele ukusebenzela umphakathi ngokuphuthuma. UKhansela uMthiyane uthe umkhandlu kuningi okwenzayo, awuvuli amahholo kuphela. Ubalule ukulungisa imigwaqo engenela emakhaya, ukusiza abafisa ukuthuthukusa amabhizinisi nokulekelela abafundi abaphase umatric ukuba babhalise ezikhungweni zemfundo ephakeme. Induna yendawo uNzuza uthe kade balilinda ihholo. Ubonge umphakathi ngokubekezela, ulinde intuthuko. Ubonge uKhansela uNdimande ukuthi wathi umphakathi usukhombile ukuthi udinga ihholo waliletha.

Kuhlomule abamabhizinisi nabezinhlangano zomphakathi kwethulwa isabelomali

UMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ehambisana nobuholi bukamasipala namuhla ngoLwesibili, mhlaka 22 April 2025 wethule isabelomali esihlongozwayo kanye nezinhlelo zentuthuko edidiyelwe konyaka ka-2025/2026 ku-Ward 01 KwaSokhulu Sportfield. UMeya wethule isabelomali sikaR244, 280, 212 kanti ukugcizelele ukuthi lesi sabelomali sinciphile uma siqhathaniswa nesonyaka wezimali owedlule ngenxa yesimo somnoto esintengayo ezweni jikelele. Kubuye kwadluliselwa izinsiza zokuthuthukisa izakhamuzi emawadini aseCoastal obekuyiwo abeyingxenye yalo mcimbi. UMeya uBhengu unxuse  abahlomulile ukuba banakekele izinsiza ezidluliselwe kubo ukuze umasipala uqhubeke ulekelele abanye ngoba ziningi izicelo ezikhona ezilinde uxhaso. UMeya uBhengu ulalele iziphakamiso, izikhalo kanye nezincomo zomphakathi ngentuthuko kumasipala kanti usheshe waphendula kwisakhamuzi saku ward 06 esicele ukuthengelwa amatshwele ukuze siziqalele ibhizinisi, nathe  uzokhipha kwelakhe iphakethe ukumthengela angu-200. Kuqale kwavulwa ngokusemthethweni umgwaqo iNsikeni Access Road. Inhlangano Ubuntu Trust abasiza uma kushonelwe bahlomule ngetende, izihlalo nokunye. UNkk Fikile Mdetshe oyilunga layo uthe bayabonga ukuba bathole lokho ababekucelile okuzobalekelela emsebenzini abawenzayo.

INJABULO UMASIPALA WASEMFOLOZI UVULA IHHOLO EGEGEDE

Bahluleke ukuzibamba yinjabulo abantu baseGegede esigodini saseNhlabosini, bakikiza bashaya ingoma,uMeya waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu evula ngokusemthethweni ihholo ebelakhiwa kule ndawo, ngoLwesine mhlaka 17 April 2025. Leli hholo linekhishi, indawo yokuhlanganela, izindlu zangasese, indawo yokupaka efakwe ukhonkolo kanti kungenzelwa kulo noma iluphi uhlobo lomcimbi. Ethula inkulumo elivula uMeya uBhengu, uthe bayajabula ukuthi bebezofeza iphupho elalikade lifiswe abantu bakule ndawo. Uvezi ukuthi isicelo sokwakhelwa leli hholo safakwa ikhansela lakule ndawo uMthethwa esanda kungena esikhundleni. Uthe uMasipala waseMfolozi ungomunye womasipala abancane abangakwazi ukuzikhandela imali kodwa oncike kakhulu emalini owuthola kowesifundazwe esuke iphume kokazwelonke. “Safundiswa ukuthi singabothembisa bese singenzi, uMntwana waKwaPhindangene wasifundisa ukuthi sethembeke, yingakho nesiqubulo sethu sithi ‘Sethembe’. Njengoba sathembisa ukuthi siyezwa, namuhla besizofezekisa enanikucelile”. UBhengu uthe leli hholo akusilo elikamasipala, kodwa likhandwe umasipala elikhandela umphakathi okusho ukuthi kungumsebenzi womphakathi ukuthi njengoba livulwa lilihle kanjena, bayaligada, uma kuphela iminyaka emithathu liqhubeke libe lihle kanje. Umasipala uqashe abasuka emphakathini ababili abazoligada ebusuku ukuze kwenziwe iziqiniseko sokuthi livikelekile. UBhengu uthe emini lizobhekwa abasebenzi bohlelo lwe-EPWP kanye nomphakathi. Uthe leli hholo baliqambe ngenduna engasekho yakule ndawo uBritania, owayethuthukisa umphakathi ngaphambi kokuba kube khona omasipala. Leli hholo libizwa ngeBritania Community Hall. UBhengu akakushiyanga ngaphandle ukunxusa umphakathi ukuba ulwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane wacela ukuthi njengoba kukhona izinhlelo zokukhulisa amantombazane, zibe khonanezokukhulisa abafana ukuze zihambisane bakwazi ukuphatha amantombazane asuke eziphathe kahle. Induna uMthethwa ihambe emazwini kaBhengu yahlaba lonke uhlobo lokuhlukumezana emphakathin okubalwa nobubhoklolo obubonakala banda ezikoleni.

Kugqugquzelwe ukongiwa kwamanzi kugujwa iviki lamanzi kuMasipala waseMfolozi

Kunxuswe izakhamuzi ukuba zonge amanzi ngesikhathi uMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu unomcimbi wokugubha iviki lamanzi,iWater Week Celebration ehholo lomphakathi eMzingazi ku-ward 06 ngoLwesithathu, mhlaka 09 April 2025. Lo mgubho ubuhanjelwe ubuholi bukamasipala okukhona kuwo uSekela Meya uMnuz Timothy Biyela, uSomlomo uMnuz Mkhangezeni Mthiyane, uSotshwebhu uMnuz Celimpilo Makhunga, uSotshwebhu woMkhandlu waMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo uMnuz Amos Mtshali, amakhansela, abasebenzi bakaMasipala, beholwa uSenior Manager wakwa-Community and Corporate Services uMnuz Khaya Zulu. Lo mgubho ubuhanjelwe yizinhlaka ezehlukene okukhona uMnyango wakwa-Economic Development, Tourism and Environmental Affairs, abophiko lwamanzi kuMasipala wesiFunda eKing Cetshwayo, abe-Waste Management, abe-Environemental Health nabe-Air Quality and Climate Change, umkhandlu wobukhosi bakwaMbonambi, amakomiti amawadi nomphakathi. USekela Meya uBiyela ethula inkulumo yosuku, uthe ngokoMthethosisekelo wonke umuntu wakuleli unelungelo lokuthola amanzi ahlanzekile, kodwa futhi kungumgomo kamasipala nabezemvelo kuMasipala wesiFunda eKing Cetshwayo, ukuthi abantu bafundiswe ukuthi bawaphathe kanjani amanzi,bawonge. UBiyela, uthe abaluleke kakhulu amanzi ngoba ziningi izinto ezenziwa ngawo kubalwa ukuphuza, ukuwasha, ukugeza nokunye kanti ayasebenza noma sekusha imililo. “Sigqigquzela izakhamuzi ukuthi uma kukhona amapayipi avuzayo, zibike ukuze kulungiswe. Sinxusa futhi ukuthi uma amanzi engekho akungalinyazwa ingqalasizinda kodwa akubikwe ukuze kuzobheka inkinga.” Kukhuthazwe nabanamabhizinisi ama-car wash ukuba uma besebenzisa amanzi bawakhongozele ezigujini bangawayeki nje ageleze. UMnuz Sipho Mthembu obemele uphiko lwamanzi kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo okuyiyo ehlinzeka ngamanzi izakhamuzi zakuMasipala waseMfolozi, ubonge abaholi bakuMasipala waseMfolozi ngokubeseka ngoba ukuba ababeseki ngabe kunzima ukwenza umsebenzi. Ukhale ngabeba ingqalasizinda yamanzi nokwenza ukuthi umsebenzi wokufakele umphakathi amanzi uphazamiseke. Ukhuze nalabo abazixhumela amanzi emapayipini amakhulu wathi benza ukuthi amanzi angafinyileli kwezinye izakhamuzi. Ezinye izikhulu bezikugcizelela ukuthi inkinga yokushoda kwamanzi ikhungethe umhlaba wonke yingakho kubalulekile ukuthi ongiwe.

UMasipala waseMfolozi ubuye nendondo emiklomelweni yakwa-Cogta

UMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela uXolani Bhengu uhlabane emiklomelweni yoMnyango wakwaCogta eKZN emcimbini obuseGreyville Racecourse eThekwini ngo-25 March 2025. Kulo mcimbi bekuklonyeliswa omasipala base-KZN abenze kahle emikhakheni eyehlukene yokuhambisa intuthuko emphakathini kanye nokubusa ngobuqotho, okukhona kuyo eyokuthola umbiko womcwaningi mabhuku omuhle, owohlelo lwentuthuko edidiyelwe oluhambe phambili, eyohlelo lokuthuthukiswa komnotho wendawo neminye. Lo mcimbi ugqugquzela ukuba bonke omasipala bazibophezele ekuhlinzekeni izidingo emiphakathini UMasipala waseMfolozi uphume phambili eKZN emunxeni we-Most Functional Community Service Centre Best 4th Industrial Revolution Initiative ngesikhungo sayo esilekelela umphakathi iThusong Centre. UMphathiswa wakwaCogta eKZN uMfundisi uThulasizwe Buthelezi enkulumweni yakhe kulo mcimbi, uqhakambise ukubaluleka komsebenzi womasipala. “Namuhla sibungaza imizamo engenamkhawulo yalabo abasebenza nsuku zonke ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi ithola izidingo, okungamanzi, ugesi, ukuthuthwa kwendle kanye nemigwaqo. Lezi akuzona izinto nje, kodwa ziyisisekelo sesithunzi somuntu kanye nenqubekela phambili.” UNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli ubongele omasipala abaklonyelisiwe kulo mcimbi ngokuzinikela ekuhlinzekweni kwezidingo nokubusa ngobuqotho okubalwa noMasipala waseMfolozi ongeminye yabahlonishiwe. UNtuli ugcizelele ukubaluleka komasipala ukuba baqinisekise ukuhanjiswa kwezidingo kanye nokwenza izinto zibe sobala futhi bakwazi ukuphendula ngabakwenzayo. Ubuye waphawula ngokuzinikela komasipala ekubhekaneni nezingqinamba okubalwa kuzo ukuguquguquka kwesimo sezulu kubalwa nezinhlekelelo ezihambisana nokushintsha kwesimo sezulu wabe esenxusa omasipala ukuba basebenzisane nohulumeni, abaholi bomdabu, osomabhizinisi nemiphakathi.

Kushunyayelwe ivangeli lokubambisana emhlanganweni kaMasipala waseMfolozi

KUQHAKANJISWE eyobumbano emhlanganweni wezinsuku ezimbili wokuhlela amasu okuyisa phambili uMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uCllr X.M. Bhengu obubanjelwe eMfolozi Casino eMpangeni. Lo mhlangano – iStrategic Planning Session oqale ngoLwesibili, mhlaka 18 March 2025 waphothulwa ngoLwesithathu, mhlaka 19 March 2025, ubuhanjelwe amakhansela wonke omkhandlu eholwa uSomlomo uMnuz M.M Mthiyane, abaphathi beminyango eyehlukene kumasipala beholwa osabambe kwesikaMenenja kaMasilapa uMnuz M.T Nkosi, inkosi uMthiyane yesizwe saseMambuka, uMnyango wakwaCogta, abeSimangaliso Wetland Park, aboMnyango wezoLimo, abophiko lwamanzi kuMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo nabe-RIDZ. Abaphathi beminyango eyehlukene kumasipala benze izethulo ngezinhlelo zabo zokuthutukisa izimpilo zomphakathi owakhele uMasipala waseMfolozi yize kuhlalukile ukuthi inkinga yokuncishiswa kwesabelomali izophazamisa ukuhanjiswa ngesivinini esihleliwe ezinye izinhlelo. Udaba lwamanzi yilo oludingidwe kwabanzi njengoba amakhansela ebeke izinselelo ezibhekene nemiphakathi ngodaba oluthinta ukuphakelwa kwamanzi. Abebemele iKCDM bazithathe zonke iziphakamiso kanye nezinselelo ezibikiwe njengoba umsebenzi wokuphakela ngamanzi ungokaMasipala iKing Cetshwayo. Kulo mhlangano kubuye kwadaleka ubuhlobo njengoba iSimangaliso Wetland Park ivule izandla ukuthi ibambisane nomasipala kanye namakhosi ukuze kuthuthukiswe izindawo zakuMasipala waseMfolozi ukuze kudaleke amathuba omsebenzi. Inkosi uMthiyane yesizwe saseMambuka, income ukubambisana ekubone kulo mhlangano yagqugquzela ukuba lo moya uqhubeke. UMeya uBhengu esevala lo mhlangano ugqugquzele ukuba kube nokubambisana phakathi kwamakhansela kanye nakubasebenzi bakamasipala. Uthe: “Akumele sibheke emuva manje, sekumele sibheke phambili, siphume siyosebenzela umphakathi.”

uMayor Cllr XM Bhengu emcimbini wokubungaza izimbali zesizwe sakwaMthethwa esiholwa inkosi uMthethwa enkundleni yezemidlalo eDondotha

UMeya woMasipala waseMfolozi uMhlonishwa uCllr X M Bhengu uhlabe ikhwelo emadodeni ukuba abambe iqhaza ekulweni nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane ukuze bazizwe bekhululekile. UMeya uBhengu ubekhuluma emcimbini wokubungaza izimbali zesizwe sakwaMthethwa esiholwa inkosi uMthethwa enkundleni yezemidlalo eDondotha namuhla ngeSonto. Lo mcimbi ubuhanjelwe izintombi eziqhamuka kuso sonke isizwe sakwaMthethwa, uMphathiswa woMnyango wezokuaThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga namakhosi akhele isizwe sakwaMthethwa. UMeya uBhengu utuse ubukhosi besizwe sakwaMthethwa ngomcimbi obalulekile owenzelwe ukubungaza izimbali zesizwe. Ubonge nokuba khona kwebutho kulo mcimbi, wathi kukhombisa ukubambisana kwesizwe. Inkosi uMthethwa ubonge ukubambisana okube khona esikhathini esifushane oNomehlo befikile bezocela lo mcimbi eMkhandlwini weNkosi. INkosi igquqgquzele amatshitshi ukuba aziphathe kahle. UMphathiswa uShinga ubonge oNomehlo ngomsebenzi omkhulu abawenzayo wokugcina izimbali zakwaZulu. Unxuse amatshitshi ukuba aqinise emfundweni nasekwakheni ikusasa ukuze ezokwazi ukuzimela.