uMfolozi Municipality

Luyaqalwa ngoLwesine uhlelo  lokwakhiwa kwezindlu eCinci ku-Ward 11 kuMasipala waseMfolozi. Lokhu kuvele ngesikhathi uMhlonishwa iMeya kaMasipala uKhansela uXolani Bhengu, amakhansela, izinduna kanye  nomphakathi bebambe umhlangano wokwethulwa ngokusemthethweni kukasonkontileka kule ndawo namhlanje mhlaka 25 August 2025. Lo msebenzi uzoqhutshwa inkampani iMakheleni Construction kanti kuzokwakhiwa izindlu ezingu-17 kulo nyaka wesabelomali. Kukhona nohlelo oluqhubekayo lokuhlola ezingu-97, izindlu ezasala zingaphelile eminyakeni eyedlule ukuze kwenziwe umbiko ozoyiswa eMnyangweni weZindlu ozocaba indlela eya phambili ngazo.

Uhlelo lwezindlu kule ward  luke laphazamiseka isikhathi eside kwaze kwaba nezingxoxo ezaqhamuka nesixazululo ngaphandle kwenkantolo njengoba sekuqhubeka ukwakhiwa kwazo. Usonkontileka uthe ngoLwesine izoqala ukusebenza iTLB ukuvula iziza kulabo asebehlonziwe ukuthi bazohlomula. Osonkontileka, uMnuz Dumisani Mdaka, utshele umphakathi ukuthi azoba khona amathuba omsebenzi futhi lawo angadingi amakhono angajwayelekile, azotholwa izakhamuzi nezinkampani zendawo ezibhaliswe ngokusemthethweni. IMeya uBhengu ithe bayaxolisa ukuthi kwaba nezinkinga ohlelweni lwezindlu lagcina luphazamiseka isikhathi eside. Uchazele umphakathi ngokuthi uhlelo lonke lwezindlu ezingu 1000 zakule ward luzohamba kanjani. Uthe akafuni ukuzokhuluma okungesilo iqiniso ngalolu hlelo ufuna konke kube sobala. IMeya uBhengu inxuse ukuba kungabi khona ukuphazanyiswa kukasonkontileka ngoba kukhona ogogo nezintandane abathembele kulolu hlelo. Unxuse nosonkontileka ukuba bawenze ngokushesha umsebenzi. Bekuduma ihlombe kube nenhlokomo ehholo ebeligcwele phama, amalungu omphakathi enanela inkulumo yeMeya uBhengu.