uMfolozi Municipality

UGQUGQUZELE othisha ukuba bazithuthukise ngemfundo uthisha wasesikoleni eMzingazi Primary, eMzingazi ngaphansi koMasipala waseMfolozi obuye nendondo ezweli lase-India muva nje.

UNkk Mpilo Cele ofundisa iNatural Sciences kwa-grade 7 kulesi sikole ubuye nendodo ye-Royal Golden Award emunxeni weBest Global Academician ngocwaningo lwakhe obelubheka amasu asetshenziswa uma kufundiswa izingane emakilasini emazweni omhlaba. UNkk Cele usebhale ama-articles angu-186 afundwa emazweni ehlukene ebheka izinto ezehlukene ngemfundo.

Njengoba uNkk Cele ubeye e-India ubezobe ehambe nozakwabo uNksz Bonisiwe Maphumulo owadlula emhlabeni ngoDisemba nyakenye kubanjwa inkunzi imoto yemali eMzingazi. UNksz Maphumulo wayesanda kubuya nendodo kuma-National Teachers Awards eyayihambisana nemoto kanti uNksz Cele uveze ukuthi libiziwe igama lakhe kulo mcimbi aklonyeliswe kuwo ngoba naye bekufanele ngabe ubekhona.

UNkk Cele ukhuluma ngemfundo nje uyayikazela imiyezane njengoba enenqwaba yeziqu kwezemfundo.

Lesi sikole ngoLwesihlanu ekuseni sivakashelwe uMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ehambisana nekhansela laku-ward 06 uKhansela uCelimpilo Makhunga beyohalalisela uNkk Cele, othisha, abafundi nabahloli ngokuhlabana kwalo thisha.

UMeya uBhengu ethula inkulumo, ubpnge uthishomkhulu walesi sikole nabo bonke othisha ngokubambisana ukuze kube nempumelelo kaNkk Cele. “Bothisha sincane isikhathi la enibongwa khona ngemisebenzi yenu kodwa isikhathi esiningi niyagxekwa, ukuphumelela kukadadewethu eqa imifula nemifulakazi, eqa ulwandle eya e-India bese eba  omunye wabantu abashawe emakhanda kwathiwa South Africa nani ninethalente elikhulu kangaka kwenza ngiziqhenye.”

Uthe bewuMasipala waseMfolozi bayaziqhenya ngoNkk Cele obabeke ebalazweni yingakho bethathe ithuba lokuzothi ‘Siyabonga”.

“Wenze kwazeka ukuthi ngaphansi koMasipala waseMfolozi kunesikole saseMzingazi, ngaphansi kweMfolozi kunothisha abakwazi ukwenza okwehlukile kwabanye.”

Uthe uyakholwa ukuthi uNkulunkulu ubezosula izinyembezi abazikhala ngesikhathi kudlula emhlabeni uNksz Maphumulo, wadlulisela umoya wakhe kuNkk Cele ukube aqhubeke nomsebenzi aye phambli.

Umhloli uMnuz S.A Mnqayi uthe ubonge umsebenzi omuhle, wabonga ukubambisana kwazo zonke izinhlaka zesikole Uthe bafisa lokhu okwenzekayo kuqhubeke.  

Uthishomkhuluu Nkk Nxumalo uthe bazobungaza, bazobonga imisebenzi yothisha abaphethwe umhloli uMnqayi noMeya uBhengu ngoba njengoba (uBhengu) ephethe iso lakhe libuka nxa zonke. Uthe benesigungu sabazali bayethembisa ukuthi bayohlale benza abaholi ukuthi bahambele phezulu ngoba othisha bakhuluma ngezwi elilodwa lokuthi bafuna ikusasa labafundi liphumelela. Ugqugquzele abafundi ukuthi bathande imfundo ngoba ayikhulelwa.