

UMeya wakuMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu ubonge umphakathi wakulo masipala ngokusabela uma ubizelwa ukuzokwethulelwa izinhlelo zentuthuko. UMeya uBhengu ubekhuluma nomphakathi waseNhlanzini ngesikhathi ubuholi bukamasipala buvula ngokusemthethweni iSodaka Access Road ngoLwesine mhlaka 08 May 2025. Lomgwaqo usuka emgwaqweni okuDaladi uze uyongenela emgwaqweni omkhulu, ufakwe nebhuloho elizokwazi ukuhambisa amanzi ngaphansi. Ubuwubhuqu obekwenza kungahambeki uma kuna imvula enkulu ikakhulukazi izithuthi zomphakathi. Umphakathi wabika udaba lwalo mgwaqo ekhanseleni uMnuz M.N Nxumalo, owaludlulisela kumasipala njengoba umgwaqo ubusuvulwa.
UMeya uBhengu uthembise umphakathi wakulo masipala ukuthi intuthuko iyeza, washo nokuthi uyazi ukuthi umphakathi ufisa sengathi kungenzeka konke kanye kanye kodwa ngeke kwenzeke kanjalo ngenxa yesimo somnotho ontengayo. Ubalule nokuguquguquka kwesimo sezulu okudala ukuthi kube khona imvula eningi, kuthi noma kade belungisa imigwaqo iphinde yonakale. Ucele ukuba kube nokuhloniphaka nokubekezelelana phakathi kwezakhamuzi namakhansela. USomlomo womkhandlu uKhansela Mlungisi Mthiyane enkulumweni yakhe uxwayise umphakathi ngodaba lokukokotelwa kukagesi nomonakalo okuwudalayo okugcina kuphazamisa nabanye abantu. UKhansela uMthiyane unxuse umphakathi ukuba uma uzazi ukuthi ukokotele ugesi noma kukhona okungalungile kugesi wawo, ukuba uyoziceba kwa-Eskom ngoba u-Eskom awusafuni ukufonelwa amakhansela kodwa usufuna kufike umuntu okunguyena owafakelwa isigubhu. ‘Ikhansela njengomholi womphakathi selinganiphelezela ukuninika isibindi uma seniya kwa-Eskom kodwa usufuna ukuthi umuntu azifikele yena uma kunenkinga kagesi.