


Bahluleke ukuzibamba yinjabulo abantu baseGegede esigodini saseNhlabosini, bakikiza bashaya ingoma,uMeya waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu evula ngokusemthethweni ihholo ebelakhiwa kule ndawo, ngoLwesine mhlaka 17 April 2025. Leli hholo linekhishi, indawo yokuhlanganela, izindlu zangasese, indawo yokupaka efakwe ukhonkolo kanti kungenzelwa kulo noma iluphi uhlobo lomcimbi. Ethula inkulumo elivula uMeya uBhengu, uthe bayajabula ukuthi bebezofeza iphupho elalikade lifiswe abantu bakule ndawo. Uvezi ukuthi isicelo sokwakhelwa leli hholo safakwa ikhansela lakule ndawo uMthethwa esanda kungena esikhundleni. Uthe uMasipala waseMfolozi ungomunye womasipala abancane abangakwazi ukuzikhandela imali kodwa oncike kakhulu emalini owuthola kowesifundazwe esuke iphume kokazwelonke.
“Safundiswa ukuthi singabothembisa bese singenzi, uMntwana waKwaPhindangene wasifundisa ukuthi sethembeke, yingakho nesiqubulo sethu sithi ‘Sethembe’. Njengoba sathembisa ukuthi siyezwa, namuhla besizofezekisa enanikucelile”.
UBhengu uthe leli hholo akusilo elikamasipala, kodwa likhandwe umasipala elikhandela umphakathi okusho ukuthi kungumsebenzi womphakathi ukuthi njengoba livulwa lilihle kanjena, bayaligada, uma kuphela iminyaka emithathu liqhubeke libe lihle kanje.
Umasipala uqashe abasuka emphakathini ababili abazoligada ebusuku ukuze kwenziwe iziqiniseko sokuthi livikelekile. UBhengu uthe emini lizobhekwa abasebenzi bohlelo lwe-EPWP kanye nomphakathi. Uthe leli hholo baliqambe ngenduna engasekho yakule ndawo uBritania, owayethuthukisa umphakathi ngaphambi kokuba kube khona omasipala. Leli hholo libizwa ngeBritania Community Hall.
UBhengu akakushiyanga ngaphandle ukunxusa umphakathi ukuba ulwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane wacela ukuthi njengoba kukhona izinhlelo zokukhulisa amantombazane, zibe khonanezokukhulisa abafana ukuze zihambisane bakwazi ukuphatha amantombazane asuke eziphathe kahle. Induna uMthethwa ihambe emazwini kaBhengu yahlaba lonke uhlobo lokuhlukumezana emphakathin okubalwa nobubhoklolo obubonakala banda ezikoleni.